Now Reading
Ibambeni bafana: Akukhuthazwe ukuqoshwa kwezehlo
Dark Light

Ibambeni bafana: Akukhuthazwe ukuqoshwa kwezehlo

Kuningi abaholi abaqavile abasithele nakho emgodini yamaliba abo. Kuningi osaziwayo bakithi ababekushlosile kepha abakufezanga ngezizathu ezithile. Kuningi intsha yakithi okuyiphunyukile njengoba iningi layo linhlanhlatha ligcine lithathe izinqumo ezingaphusile,
ezifaniswa nokuzigwaza ngowakho uqobo. Kufanele yini ukuba kuthulwe kubukelwe nxa abantu beyosithela nakho konke okungamagugu esizwe ezindudumeni zamthuna? Lapho sebekhona manje abasenakubuzwa ngalokho abakwenza besaphila. Nabaphilayo abasenakuzithola izincazelo eziphusileyo ngaphandle kokuhlambisela ngabakuzwayo nabakucabangayo. Noma bezama ukukhothoza izithukuthuku zabo ziphelela ezeni!

Ukuba amaliba ayadiyiswa amadala namasha noma amadala ukuba abephinde adayiswe kabusha ngaphambi kobuba kwenziwe njalo, uma indlela ibikhona bekuyopopolwa kuhlolwe ubuchopho bezinsizwa nezintombi esezizumekile ebuthongweni baphakade emathunjini omhlaba! Noma sebethule kulawo maliba, uma ibidayiseka imicabango yabo noma amasu alokhu abangakuphothulanga imindeni yabo nganeno ibingaba bovu yimali! Uma bekufinyekelela ezinzulwini zemicabango yabo izwe nesintu sonke besingavuka othulini lobuvila namaphutha nobugqila bokwesba ukuzama wehluleke nokuhluleka ukuzama! Kunomnotho okungaphezu kwesilinganiso ogqitshwe emalibeni azo zonke izizwe kuwo wonke amagumbi amane omhlaba.

UMyles Munroe wayeqinisile uma ethi: “Indawo ecebe kunazo zonke emhlabeni akuzona izimayini zegolide eziseNingizimu ye-USA noma izindawo zowoyela e-Iraq nase- Iran. Akuzona izimayini zedayimane eNingizimu Afrika noma ezinkwazini zomhlaba. Indawo ecebe kunazo zonke emhlabeni ilapha nje uma wehla ngomgwaqo. Kusemalibeni.”

Umuntu akakwazi ukuthembela ingunaphakade kulokho okusemqondweni wakhe. Bangakhi abantu ababekade njezintsengetshe kepha namhlanje sebekhohlwa badlule izingane? Zingakhi izinto umuntu aye anqume ukuthi uzozenza namuhla uma ephuma endlini, kepha uma efika emsebenzini noma emva kokuxoxa nabathile, zivele zinyamalale emqondweni okwamazolo ehlaselwa yilanga!? Zingakhi izincwadi (amabhuku) oye uzwe umuntu athi uma sengidla ekapoyinandi ngizoba nezikhathi esanele sokuhlala phansi ngibhale incwadi ngomlando wami,
noma umlando wakithi noma ngohlobo lomsebenzi engangiwenza? Ukufa, ukuguga nokukhohlwa yizimbangi zazesithenjini esiyimpilo. Yilowo naloyo ufuna kugqame okwakhe kuqala kumyeni oyimpilo.

Bekufanele intsha yezwe lakithi nabaholi baseNingizimu Afrika kanye nomphakathi nezizwe zonke zezwekazi i-Afrika, zifunde kwezasentshonalanga ezilikhuthalele leli siko noma umkhuba wokuqopha phansi izehlo ezimqoka ezenzeka usuku ngosuku empilweni yomuntu ngayedwa. Akudingeki ukuba ube usolwazi, usaziwayo noma isomane ukuze uzifundise ukubhala izinto ozibonile, ozizwile, ozenzile nozicanbangile ususku nosuku.

Lena yindlela yokulondoloza umlando wakho njengesidalwa esingumuntu. Yisu lokuba labo abanganentshisekelo yokwazi okuthile ngawe babheme bakholwe ekufundeni imicabango yakho nakho konke owawukucabanga, owawukufisa, owawukuphokophele usengapha kweliba.
Akufanele kubhalwe izinto ezinhle kuphela kepha nalezo ezikukhathazayo.

See Also

Phela ukubhala imicabango nemizwa yakho kuyikhambi elikwelekelelayo ukwelapha umphefumulo wakho. Yawaqaqa ngakho amafundululu amafindofindo emphefumulweni, enhliziyweni nasemqondweni wakho. Yingakho odokotela benqondo bavame ukuthuza abantu ukuba babhale phansi imicabango yabo nakho konke okubagwaza imiphefumulo nezinhliziyo, bese isisombululo ababanika sona sisukela kulokho abakubhalileleyo.

Eziqephini ezilandeyo sizoxoxa ngesingabhala ngakho. Sizochaza ukuthi uqala kuphi nalolu hambo oluyinsimu engudukathole. Sizophinde sidlule kancane kulokho okwabhalwa ngomengameli base-USA konsukuzonke noma osozigameko babo ngabaholi base- Afrika. Uma ithuba livumile sizongena eminxeni engasetshenziswa ekuqopheni izehlo zethu nemicabango yansukuzonke. Asibhale imizwa yethu nemicabango yethu singabi yizinyanga ezisithela namaqhingasu emathunjini omhlaba, abenganothisa izigidi zezizukulwane.

Scroll To Top