Now Reading
Ucu alukahlangani kwaboHlanga nomnotho
Dark Light

Ucu alukahlangani kwaboHlanga nomnotho

Uma ulandela indulo laboHlanga ( abangamaZulu) kuyaqapheleka ukuthi babeyisizwe esabe sibumbene. ILembe lakwenza lokhu ngokuthunga izizwe lakha isizwe . Siyazi ngomkhumbi wempi owadla amaNgisi eSandlwana ngowe-1879. Siyazi ngempi yaseNcome lapho uZulu adela khona imizimba elwelwa inhlabathi ngowe-1938. Amandla, ubunye nokuma mpo kukaZulu yikho okwabeka aboHlanga ebalazweni lomhlaba.

Nakuba lomlando uvusa amadlingozi, kepha kunempi enganqobeki kwaboHlanga. Akekho ongazi ukuthi abohlanga babhuqabhuqwa indlala. Angikhulumi ngedlanzana elidla izambane likapondo. Ngikhuluma ngoquqaba olubulawa ngububha. Phezu kwezinkulumo nezigcawu lesi simo kasiguquki . Umbuzo uthi engabe mpande yini le edliwa amaShayina, amabBhunu,amaNdiya nabavela kwenzinye izingxenye ze-Afrika ebenza bafike kuleli bakwazi ukwakha umnotho wabo?

Mhlawumbe aboHlanga kuleli kumele bazinuke amakhwapha bazibuze ukuthi kwenziwa yini ukuthi uma kuyobhujiswa ingqalasizinda bakwazi ukuhlangana kube lula nje sengathi baqoqwe umazibuthe, kodwa uma kumele kwakhiwe ifa lezizukulwane (umnotho) kugedezela amadolo?

KwaboHlanga bakhona onjiniyela, osolwazi emikhakheni eyahlukene no dokotela njalonjalo. AboHlanga yibona abasebenza emafemini akhiqiza zonke izinto kepha ababonakali uma sekubalwa izimali okungezabo ezitholakale kulokhu kusebenza kwabo.

See Also

Sihlulwa yini ukugcwalise izinkundla ezidumile zemidlalo zakuleli hayi ngoba siyogubha isigameko sepolitiki noma siyongcwaba usaziwayo, kepha siye siyobhunga ngokwakha umnotho wethu. Ake kugcwale amahholo emiphakathi yangakithi ngezimpelasonto, kuyohlanganiswa amakhanda ngokuthi umnotho ungakhiwa kanjani ukuze kuhlomule izizukulwane ezizayo. Singenza lokho kuyogxabha izisu kwamanye amadoda. Ngalolo suku bayokwazi ukuthi aboHlanga sebelitholile ikhambi.

Siyababongela labo asebekwazile ukukwenza lokhu ngabodwana, kepha ukuze sikhulule isizwe sonke sidinga ukubambisana nokuhlalel sihlale sihlanganise amakhanda. Sesiphelile isikhathi sokuthi saziwe ngokuthi sinamatekisi, amathaveni, amathenda, kugcine lapho. Sekumele manje kwaziwe ukuthi usimende ukhiqizwa yithi, inxanxathela yezitolo nezakhiwo zokuqashisa ngezethu, njalonjalo. Uma senza luyohlangana ucu, ivuke indlu yakwethu ngakwezomnotho.

Scroll To Top