Kukhona okushaya amanzi ngokungabekwa kweSILO



UMnu uBlessed Gwala, oseKomitini elibhekele ukusebenza kweHhovisi likaNdunankulu eSishayamthetho saKwaZulu-Natal.
Ngisuswa umbhalo ojulile kaMntwana uThulani kaGgikazi kaSolomon kaDinuzulu ezinkundleni zokuxhumana nakuwona amaphephandaba lapho ezwakalisa khona ukukhathazeka kwakhe oweSilo ngohulumeni owenza ngabomu ukubambezela ukugcotshwa kweSilo. Abuye akhale ngomthetho waKwaZulu-Natal ongu nombolo 5 wezi-2005 athi uthule kanye nokukhinyabeza ukusebenzwa kwesikhundla sika Ndunankulu weSilo noZulu wonkana bese ebuza ukuthi kazi amalungu eNkatha naka Khongolose asePhalamende angamaZulu athula athini kushaywa lembudane yomthetho.
Ngingathi Mageba kwamanje asilele kodwa silalele kuxoxwa inganekwane emini okusele ukuba simile izimpondo. Kwesinye isikhathi sithula sibuke ngoba kunesisho esithi, “umlilo waseNdlunkulu awothiwa ngamalengisa.” Thina esisegcekeni eNdlunkulu sibuka izehlo ezenzeka esigodlweni sikaMqwalajuba, kukhona abaphambana neSilo emveni kokwebuza kwaso benza izinto ebebengeke bazenze ukuba sikhona futhi siyazikhulumela. Lokhu kuletha isithombe sokuthi kanti besibhekene nobunzima obungakanani kwaphambilini.
Mhlawumbe kumele ngichaze nje ukuthi uKhongolose akaze abuthande uBukhosi futhi ngisho kungenziwa uphenyo lwemibhalo eqoshwe phansi kusukela ngaphambi ngowe- 1994, kwaze kwathiwa ISILO esibuzileyo uMdlokombane nxa sebephethe uyophekela itiye uMhlonishwa uMnu uMandela kuthi uMntwana waKwaPhindangene yena asebenze engadini bese aMakhosi wona abengonogada emafemini. Kuleyo mibhalo noma ngabe kwakungewona wonke uKhongolose owasho lokho kodwa izenzo ngisho namanje zifakazela lokho okwashiwo imibhalo eyayisatshalaliswe izwe lonke.
Senginezinsukwana mina ngisesiShayamthetho saKwaZulu-Natal. Amalungu eNkatha akhuluma aze akhihliza amagwebu ekhuza umkhuba owenziwa iqembu elibusayo lakha umthetho odovadova ubuye ubhidlize uBukhosi njengalemfeketho yalomthetho kodwa basitshela emehlweni ukuthi bathunywe ngabantu bona.
Ngise China eminyakeni eyishumi nesithupha eyedlule ngasiwa esigodlweni esibizwa ngokuthi yiForbidden City esesiyindawo yokugcina amagugu kwakuhlala khona ababusi bakhona kodwa uMbusi uAisin Gioro Puyi waba umbusi wokugcina mhla ziy-12 kuNhlolanja ngowe-1912. Ngathi uma ngibuza ukuthi pho njengoba kunamangilingili esakhiwo esinje uphi uMbusi. Impendulo yathi bona kwelase China ababanga nonya njengabantu base Russia nabase France, ababulala amaKhosi ngezikhwepha kodwa bona babanenhlanhla yokuthi noma idemokhrasi yamketula uMbusi bamyeka waze wazifela nje ngesifo somdlavuza.
Ngadinwa ngaze ngaphahluka ngathi kusho ukuthi nizongibonisa isikhumba noma umebuzo wenyoka enayibulala ngesu na. Lokhu ngikusho ngoba uhulumeni okhona ufuna kube abeNkosi abazibulalela uBukhosi ukuze kungasolwa uhulumeni nxa sebufile nya.
AbaseNdlunkulu abaqaphele kakhulu bangahlulelwa umlando uBukhosi buphele ngabo njengoba bengenisa amanzi endlini. Kuyezwela kithina kakhulu ngoba amathambo okhokho bethu asalele ezinkalweni namanje babekhusela lobBukhosi bengabheke nzuzo njengoba noMntwana waKwaPhindangene kukhona abamela njengamabele bemncokofula kodwa enza umsebenzi wakhe awuzalelwa engabheke ludumo oluza kuyena futhi kacoshi ngisho indibilishi emdaka.
Mhlawumbe umuntu kakhumbuze abasheshe bakhohlwe ukuthi ngowe-1994 uMntwana waKwaPhindangene ne-IFP balwa kwaze kwasekugcineni ukuba kuMthethosisekelo wezwe kubekhona isigaba esiqinisa ukuba khona koBukhosi. Ngumlando ukuthi emveni kokhetho lwamhla zingama-27 kuMbasa ngowe-1994, uKhongolose wephula isivumelwano esiyisifungo ekutheni emveni kwalo udaba lwesikhundla seSILO noBukhosi kuyoxoxwa ngakho kukhona nabaxazululi bamazwe oMhlaba ukuze kube nobulungiswa.
UKhongolose akaze ubeqotho odabeni loBukhosi. Iqembu elibusayo lanele lathatha amandla konke okwezivumelwano kwaphoswa emgqonyeni wezibi. Ngowezi-2005 kwakhethwa isiqhoqho samalungu angamashumi amabili ukwakha umthethosisekelo wesifundazwe njengoba owezwe wesikhashana wawukuvuma lokho. Ngaba ngomunye owamela i-IFP kodwa usuku nosuku kwakushuduliswana ngeSihlalo sikaZulu nesika Ndunankulu kaZulu. Ekugcineni i-ANC yavuma kwathi mhla ziyi-15 kuNdasa ngowezi-2005 wavotelwa ngo “Elethu” waphasa uMthethosisekelo wesifundazwe.
Akuphelanga nsuku zingaki uKhongolose wanyonyoba ngemuva kweSishayamthetho wayomangalela uMthethosisekelo abeyinxenye yawo uphasiswa enkantolo yoMthethosisekelo. Wabhuntsha kanjalo kuze kube manje isifundazwe akaze sibe nawo.
Phambilini babenyanya kwakuthi isifundazwe sibizwe ngokuthi kukwa-Zulu befuna igama lamakoloni elithi Natal. Kwagcina sekuthiwa okungenani akubeyi KwaZulu-Natal.
Ngenkathi ngikwi Khabhinethi kaMhlonishwa uNdunankulu uDokotela uSbu Ndebele kwakhiwa ikomidi elincane elihlela “rubric” okuhlaliswa izikhulu nxa kunemicimbi ISILO sasibekwe kunombolo-17. Sashaya phansi ngonyawo sichitha lokho noMhlonishwa uNarend Singh ngangokuthi kuze kube namhlanje akaze uphasiswe lowombhalo ngoba i-IFP kayivumanga ukuba umnikazi waleli leNdlovukazi uMthaniya angahlaliswa kude kangaka kuhlale amadoda nje phambili. Kubenzima nokho ukuba bakwenze bukhoma eSilweni kodwa bake bazama emikhosini yeSizwe njengo Mkhosi weLembe ukuba bazame ukugudluza isihlalo sikaNdunankulu weNgonyama aqheliswe kuyona kodwa uMntwana uyakwazi ukuzilwela bahluleka.
Umthetho lona unombolo-5 wezi-2005 usugudluze amakhosi ezizwe zawo amaningi ngakho ukuxegisa izinsika zoBukhosi buka Zulu. AMakhosi axhakaziselwa imikhonto ngu Mnyango wakwa-COGTA ochema isidana nezitha zoBukhosi. Aseyishumini amaKhosi asebulewe kodwa akubanjwa muntu noma ebanjiwe uyakhishwa ngasese icala lidliwe yinja.
Mina nje ngibuze uMphathiswa wakwa-COGTA ngokubhalwe phansi ukuthi kulonyaka nkeceni eyintela yabantu esetshenziswe ngu-COGTA kuleminyaka eyisikhombisa uvuna abalwa namakhosi noma yena u-COGTA elwa namakhosi. Impendulo ithe kuchithwe izigidi ezi-R 7, 4. Ngabuye ngabuza ukuthi yinkece engakanani esetshenziswe uMnyango ukweseka aMakhosi ahlukunyezwayo ezihlalweni zawo. Impendulo ithe akaze kusetshenziswe ngisho isenti elilodwa.
Siyabuka izimbulu nxa ziphambi kwawo Amakhosi ziwabhuqa zithi ziyabeseka uBukhosi kodwa besho ngomlomo izenzo zisho okunye. Bathi uBukhosi buyi “Bold and Beautiful” yikho kungekho ngisho isabelo – nkece ngoba bethi buyimbambezela futhi abukhethiwe ngentando yeningi. Empeleni ikhansela lika Masipala linamandla ngaphezu kweNkosi eliyakhele.
Kuyacasula uma uzwa umuntu ethi uMntwana waKwaPhindangene usebenzisa uBukhosi ukufeza izinhloso zeQembu lNkatha. Ibikuphi iNkatha sonke lesikhathi kusukela ngowe- 1954 esebenzela iNgonyama nesizwe? Nayeka abantu abacashe ngoHulumeni besebenzisa imigomo yeqembu labo ukucima ubuKhosi! Dlalani ngoMzukulu ka Dinuzulu kodwa nokhala ngelinye ilanga. Abanye khona eNdlunkulu bamchitha nje bemazi kahle ukuthi walokothwa ukukhusela loBukhosi kodwa ngoba yehlisile insengwakazi kwaHulumeni bayakleza yikho bemshaya indiva.
Kafushane nje ukubambezeleka kokugcotshwa kweSilo esikhona yinto yamabomu futhi nabayimpi bakhwezelwa ezingeni eliphezulu kakhulu ukuze kube nezinxushunxushu ezingenasidingo kodwa ezizuzisa labo abasenhlanganweni abahobe ngezakhiwo zoMbuso kube ngathi balinde ukuba kuxazululwe izinkinga kuqala bese bezenza abaxazululi. Isichitho esikhulu kubo uMntwana waKwaPhindangene. Kwabona njalo bangena ezikhundleni kunemibango yangaphakathi kodwa kunjalo bafungiswe baphathe izwe.