Now Reading
Ukweseka kwethu kungasenza izwe nesizwe sabanqobi kuyo yonke imikhakha
Dark Light

Ukweseka kwethu kungasenza izwe nesizwe sabanqobi kuyo yonke imikhakha

Inyanga uMandulo siyiqale kahle kwezemidlalo lapha eNingizimu Afrika. Ngeledlule siqale sathotshwa amanxeba iqembu ekade liseToyko lapho kade kusingethwe khona umqhudelwano wamaParalympics. Abasubathi bakuleli bakwaze ukuthi basibuyele nezindondo eziyi-7 okubalwa ezine zegolide, ezimbili zethusi neyodwa yesiliva.

Abasubathi bethu baphinde benza ezibukwayo ngesikhathi beqopha amarekhodi amasha eminxeni ehlukahlukene. Kwabasibuyele nezindondo kubalwa u-Anrune Weyers, uPieter du Preez, uNtando Mahlangu, uLouzanne Coetzee noSherly James. UMahlangu ungomunye wabakwazile ukuthi bashiye bebeke irekhodi eToyko, kwi-Long Jump.

Okungichaze kunakho konke ukuthi uMnyango WeZemidlalo amaKhono namaCiko, oholwa nguMhlonishwa uNathi Mthethwa ukwazile ukujabulisa labo abaphakamise ifulegi lakuleli ngokubanikeza uxaso lukamehlokaboni. UMahlangu nje uhlomule imali engaphezulu kwesigidi, njengoba ethole izindondo ezimbili zegolide waphinde waqopha nerekhodi.

Kwenzeka lokho nje akukhapheli isikhathi esingakani abasubathi bakuleli akade bekuma-Olympics khona eToyko babuya belambatha njengoba kwabheda.

NgoMgqibelo owedlule iMamelodi Sundowns Ladies iqhubekile nokukhombisa ukukhonya e-Afrika eseNingizimu ngesikhathi iba ngompetha bomqhudelwano obizwa ngeCosafa Women’s Champions League 2021. Emdlalweni owabe useKing Zwelithini Stadium yaguqisa iqembu laseZimbabwe iBlack Rhinos ngamagoli amathathu eqandeni. Amagoli eyanqoba ngawo iSundowns ashaywa nguLerato Kgasago, uNonhlanhla Mthandi noBoitumelo Rabale.

ISundowns ebivele iye kowamanqamu ithwelwe ngeqoma emuva kokuzidlulela kalula kuyona yonke imidlalo yamaqoqo ebiyidlale eqoqweni u- A, yashaya imbudlu yamagoli umdlalo ngamunye. Ikhombisile kulo mdlalo ukuthi ingomakhonya esifundeni seCosafa njengoba nakwiHollywood Super League, lapha ekhaya isaqhubeka nokukhonya.

Ukunqoba kwamaSandawana lo mqhudelwano obudlalelwa okokuqala lapha eNingizimu Afrika, kusho ukuthi lezi zingqungqulu zasePitoli zizomela isifunda seCosafa kwi-2021 Total Energies CAF Womens Champions League ezoba se-Egypyt ,ngasekuqaleni konyaka ozayo.

Lokho kusho ukuthi iSundowns isizobhekana nenselelo yokuqhudelana nezintokazi zasenhla nezasentshonalanga ne-Afrika, okubalwa kuzo ezako-Egypt, Morocco, Nigeria naseCameroon, ezidle ngokuba qatha ngokomzimba.

AmaSandawana Ladies abebhekene neqembu ebelingakaze lingenelwe yigoli kulo mqhudelwano, kuze kube lingenelwa amagoli amathathu ahlohlwe emdlalweni wamanqamu. Obekwenza abantu bathwale iqembu laseTshwane, ngeqoma ukuthi kungenxa yokuthi kusukela ngo-2013 alikaze lihlulwe emidlalweni yalo.

See Also

Okunye okuqaphelekile wukudlala ngendlela efanayo nozakwabo besilisa njengoba ibhola beqala kahle emuva kanti noma benikezelana ngalo uyabona ukuthi isitayela saseChloorkop, sokungaxhamazeli futhi sokungalilahli ibhola. Nakhona kungakuhle ukuthi lezi zintokazi zitshengiswe ukwesekwa okuzobe kuyisikhuthazi kuzona kwazise zenze into enhle kabi zaphakamisa ifulegi lakuleli.

NgoMsombuluko ngingomunye okade ethi iBafana Bafana ngeke ilibone elidlalayo bese ibhekene neGhana emdlalweni wokuhlungela iNdebe YoMhlaba ezokuba ngonyaka ozayo eQatar. Kodwa indlela edlale ngayo iBafana Bafana ngaphansi kukaHugo Broos incomeke kakhulu, njengoba ikwazile ukuthi igcine inqoba ngegoli elivalelwe phakathi uBongokuhle Hlongwane ngemizuzu yokugcina.

Iqiniso ukuthi iBafana Bafana isisiphoxe isikhathi eside, buka nje ngeke ibe khona kumqhudelwano i-African Cup of Nations (AFCON). Kodwa manje singabalandeli isikhathi sokuthi siyiseke kulemidlalo esele ezoyodlala, kungaba yinto enhle kabi ukubona iqembu lethu liya eQatar.

NoMnyango WeZemidlalo makukhona okumele ukwenze ukuseka iqembu lethu awenze. Sizwile ukuthi kukhona inkece abadlali abathenjiswe yona ukuthi uma bengazibekela indawo eQatar bazoyithola. Nabo abalwe ukuthi bazifake emlandweni, kubuhlungu ukuthi sagcina ukubona iBafana Bafana kweyoMhlaba ngonyaka wezi-2010 nalapho eyaphuma khona kowamaqoqo. Nakhona ngoba kudlalelwa ekhaya.

Scroll To Top