Now Reading
Ukubambisana kwezinhlaka kuzosiza ukusimamisa ulimi isiZulu
Dark Light

Ukubambisana kwezinhlaka kuzosiza ukusimamisa ulimi isiZulu

Ziyaqhubeka izingwevu esezithathe umhlalaphansi zabaphathi nabaholi kwezemfundo ukuveza ilaka lazo mayelana nokusetshenziswa nokukhulunywa kolimi lwesiZulu ikakhulukazi esikhungweni sezokusakaza okuwumsakazo, Ukhozi FM.

Lokhu zikuveza ngenjongo nenhloso yokulekelela ekwakhiweni nasekugcineni ulimi lwesiZulu luphila futhi luhlonishwa njongolimi lwesizwe. Okukhathazayo kakhulu ukwanda kokusetshenziswa kolimi kanye nokukhulunywa kwalo ngokungesikho. Lokhu kwenza kwalona ulimi lulahlekelwe ubulona kanye nesithunzi salo. Kuhle ukuthi abalukhulumayo nabalusebenzisayo balwazi futhi babe nakho ukuziqhenya ngalo.

Mayelana nokukhulunywa nokusetshenziswa kolimi lwesiZulu kuvela ukukhathazeka okukhulu ngokusetshenziswa kwamagama angesiwo ezingxoxweni zesiZulu ebe enikeza umqondo ohlukile kunalokhu okulindelekile. Isibonelo: Uzwe umuntu okhuluma isiZulu ebuza ethi: ‘Ususizakele yini’? Ebe eqinisweni eqonde ukuthi ‘sebekusizile yini na’? Igama elithi ususizakele kulo mbuzo ongenhla alisho ukusizwa kodwa lisho ukuhlekisa ngomunye umuntu.
Lokhu kwenza labo abalalele balahlekelwe umqondo wengxoxo ikakhulukazi labo abasalufundayo ulimi njengabafundi ezikoleni.

Okunye okudala ukukhathazeka ukusetshenziswa kwamagama esilungu enkulumweni sibe singekho isidingo sawo uma igama eliqondene nelifanele ukusetshenziswa likhona. Isibonelo: umuzwe umuntu okhuluma isiZulu ethi: ‘Ngikwi-relationship mina nendoda engithandayo’. Ebe eqonde ukuthi uthandana nendoda emthandayo. Igama lokuthandana liphelile esiZulwini.
Igama u-relationship kule ngxoxo alisebenzi njengomfakela ngoba likhona igama eliqondile kule nkulumo. Kuyamangaza ukuzwa isikhulumi esisuke simenywe ukuba sizokhuluma ngezinto ezithize ezithinta umphakathi okhuluma isiZulu ungabe usalizwa nelokubika nje igama lesiZulu kodwa uzwe isilungu sodwa.

Ube nombuzo ongaphenduleki ozibuza wona othi kanti ubezokhuluma nobani na. Lokhu kuphinde kubuyise umbuzo othi: Kanti sithini isigunyaziso somsakazo Ukhozi ngokusetshenziswa kolimi ikakhulukazi ulimi lwesiZulu. Ingabe kukhona yini okuyimibandela ebekiwe kulabo abangaphakathi mayelana nokusetshenziswa nokukhulunywa kolimi lwesiZulu.

Ezingxoxweni zayo le nhlangano emhlanganweni wanyanga zonke kuye kwavela ukuthi mkhulu umsebenzi ofanele ukwenziwa ukwelekelela ukulungisa lesi sihlava esingenayo ngoba singagcina sibe nomthelela ongemuhle nasekufundeni kwezingane ezikoleni. Kuye kwabalulwa nalokhu ekusizeni nasekulekeleleni ezikoleni:
(a) Nezikole ziyadinga ukulekelelwa ngokuthi ziqwashiswe ngokusetshenziswa okuyikho kolimi lwesiZulu kungagcini lapho kuphela nokwenza abafundi besiZulu baziqhenye ngaso bangazenyezi ngokusikhuluma kanye nokusisebenzisa. Lolu thando lolimi lungagqugquzela ukuba izingane zikwenamele nokuba sesikoleni futhi kungasiza kushabalalise nomqondo ongaphusile othi umuntu uhlakaniphe kangcono uma ekwazi ukukhuluma izilimi zesilungu kunokuba ekhuluma isiZulu. Ingakho-ke kuyisifiso nephupho lale nhlangano ukuthi labo abanikezwe ithuba lokusebenza emsakazweni wesiZulu Ukhozi kube ngabantu abalwaziyo futhi abaziqhenyayo ngolwimi isiZulu kube futhi ngabantu abazimisele ukufundisa ngendlela abakhuluma ngayo.

(b) Okunye okungalekelela kulesi simo ekwenzeni ngcono nokufukula ulimi lwesiZulu ukuqinisa ubudlelwano phakathi kwezikole nemiphakathi ezikuyo kanye noMnyango Wezemfundo. Ukuze izinto ezithinta isintu nesiZulu zikwazi ukungena kuxoxwe nangazo nasezikoleni.

See Also

(c) Okunye okungenziwa ukulekelela izikole ukuba zibe sesimweni esifanelekile sokufunda nokufundisa, lokhu kungabangaphakathi nangaphandle kwesikole kwenziwa ngokubambisana nazo izikole uqobo. Kuthi uma kukhethwa izifundo zokufundisa ulimi lwesiZulu lungenziwa ulimi lokuchibiyela lube ngaphansi kwezinye izilimi ikakhulukazi lezo zesilungu. Nalowo ozolufundisa kube umuntu oluthandayo nolwaziyo ulimi isiZulu.

(d) Ukuxhumana nabaphathi bezemfundo ngenhloso yokulekelela ngamasu okwenza ngcono imfundo ezikoleni lokhu bekwenza ngenxa yolwazi abanalo kanye nokubonisana ngezinto ezingase zibe nobungozi ekufundeni kwezingane ezikoleni kanye nokusetshenziswa kolimi ngendlela eyiyo. Nezincwadi ezikhishwayo ukuba zifundwe yizingane makube yizincwadi ezibhaleke ngendlela eyiyo kuthi nolimi olukuzo kube oluyilo.

Ngenxa yamava amalungu enhlangano anawo ekusebenzeni nezikole bazibophezele ekusebenzisaneni nezinye izinhlaka ekulekeleni ukwakha nokubuyisa isithunzi solimi emphakathini nasekusifundiseni ngendlela eyiyona yona. Lokhu kuyavela nasenkulumwenimgomo eyethulwe nguSihlalo wayo emhlanganweni wanyangazonke odlule. Ukulekelela ukwakha ubuhlobo obuqinile nezikole zomphakathi nokwenza izikhungo zemfundo zibukeke kunobudlelwano obukhona phakathi kwalenhlangano nezinye izinhlangano izizimisele ngokuthuthukisa izikole nomphakathi.

Scroll To Top