Asifunde ukubonga lokhu esinakho ukudlula ukukhalela esingenakho



UThemba Nkosi yintatheli ezimele ezinze eThekwini noMsunguli weThemba Nkosi Dreamers…
Njengoba sikhuthaza usikompilo lokubhala izehlo zosuku nosuku, kufanele phakathi kwezinye izinto siqale ngalezo ezibukeka zincane kepha ezinomthelela obanzi ezimpilweni zethu. Enye yezinto esingabhala ngayo lize lishone ilanga yisipho sempilo nakho konke uSomandla asibusisa ngakho nsuku zonke. Nakuzo zonke izehlo ezinzima esingahlangabezana nazo empilweni kukhona okubili, okuthathu okusivula amehlo. Ekugcineni kuyisifundo nesibusiso!
Umuntu ongathi akukho okuhle angabhala ngakho empilweni yakhe uyimpumputhe emqondweni. Nongathi akukho okuhlabahlosile nakuzuzile noma wakunqoba eziwombeni ezithile zempilo yakhe uyobe ugxoba umqondo wakhe okomuntu odovadoda inhlama yokhonkolo. Uma sehluleka ukubonga nokuncoma lokho okuhle abantu abasenzela khona noSomandla asibusisa ngakho usuku nosuku, sengathi kuzoqhubeka ngokusinda kwehlela ezimpilweni zethu. Kambe uma umuntu engabongi lokho omenzela khona ungakhuthazeka ukuqhubeka umsize? Akufanele siphile impilo yokucela bese sehluleka ukubonga!
Kubo bonke ubuhlungu nobunzima esedlula kubo kukhona okuhle esifanele siqhubeke simbonge ngakho uSomandla. Iningi lihlale likhononda kuze kweqe libheke izinto ezinkulu lishiye ezincane kepha zibe zinkulu ukwedlula lokhu bona abathi kukhulu. Kwesinye isikhathi sikhala ngemali, sikhala ngezimpahla zokugqoka, sikhala ngokuthi asisebenzi. Yize lezinto ziyingxenye yezimpilo zethu kepha kunesipho esiphundulekayo kuso.
Kungani sehluleka ngamalengiso ukubonga isipho SEMPILO? Phela konke esikudingayo, esikufisayo nesiphokophele kukho umsuka wakho yikuthi SIYAPHILA! Kambe yini umuntu angaqhubeka ukuyifuna nokuyilabalabela uma esethule, engasaphefumuli, engasacwayizi? Lesipho ESIYIMPILO sedlula imali, sedlula imfundo, sedlula nokuhlakanipha. Sedlula konke esinakho ngaphansi komthunzi welanga! Siwugogodla obanzi!
Kunabantu abagulela ukufa nokuphila esibaziyo, isililo nomthandazo wabo yinto eyodwa. Bathi “Nkosi uma ubungangipha unyaka ukuba ngiphile, ngizolisebenzisa leli thuba sengathi elokuqala nelokugcina. Uma uSomandla ungaphinde ungiphe ithuba lokuba ngelululame ngiyokudumisa imini nobusuku nezenzo zami.” Kunabantu abaneminyaka belele esibhedlela bekhungethwe yizifo nezinhlungu ezinhlobonhlobo. Nabo bakhala ngokwelulelwa ithuba lokuphila. Kuyishwa ukuthi iningi lethu ngenxa yokuxhwala kwemiqondo sikhala ngezinto ezingathi shu empilweni. Sisibukela phansi isipho sempilo. Sibona sengathi bekufanele ukuba sibe yimiqemane akukho esikukweneda omunye umuntu. Asimdumisi uMdali ngezenzo!
Bekufanele kuleli siko lokuqopha izehlo zethu zansuku zonke singakulibali nangephutha ukubhala kabanzi ngesipho sempilo. Ukuvuka ekuseni kuyisipho! Ukuphefumula kusiyisipho!
Ukuphepha kulo lonke uhlobo lwezingozi kuyisipho! Ukuginqika nemoto uphinde usinde noma ngabe unqamuke ingalo nomleze kepha waphila kuyisipho! Ukubona abantu behaqwe yilo lonke uhlobo lwezifo wena uphulukundlele uphile kuyisipho! Ukuqhubeka usebenze abanye beneminyaka bethungathana nemisebenzi bengayitholi, ube wena ufunde kancane kunabo noma amakhono akho angafinyeleli kwaba nawo, kepha ungadilizwa emsebenzini kuyisipho? Ukudla kathathu ngosuku abanye kuphele izinsuku ezingaphezu kwezintathu beqhwanda emigqonyeni ephethuka izimpethu bekhothoza izinkwa ezomile ezimbozwe ukukhunta, wena ube usiluma kabili kathathu usintshinge emgqonyeni kuyisipho ukungabi kuleso simo!
Awaqondisiswe amazwi ajulileyo omethuli wohlelo lwezingxoxo u-Oprah Winfrey awagcizelelayo kusozigameko noma kunsukuzonke wokubonga. Uhlale eqhakambisa leli phuzu, “Uma ubungaqala usuku lwakho ngokubhala phansi izinto ezinhlanu eziwukubonga usuku nosuku, ungabona ukuthi impilo yakho ingavuleka kangakanani.” Uqhubeka athi, “Bonga noma yini onayo uzogcina unokuningi. Uma ugxilisa umqondo wakho kulokho ongenakho awusoze waba nokwanele.”
Asikhumbuzane, awuzikhethelanga ngobunjwa njengesidalwa esingumuntu. Awubanga nomnikelo ngezingalo nemilenze onayo. Kuyisibusiso ukuthi unamehlo, amakhala,umlomo nezindlebe. Awukucelanga konke lokhu! Kambe ukhona ongaphinde akhale, akhononde uma sesikhumbuzane ngalezibusiso kanye nobumqoka besipho esiyimpilo? Bekufanele sikukhuthalele ukuzibala, siziqophe phansi izibusiso zethu usuku nosuku!
Ngokuzayo sizonunusela abafundi ngokwaqoshwa uMnu uRonald Reagan njengoMengameli wase-USA ngemihlanagno yakhe nabaholi base-Afrika, ekulondolozeni leli siko lokubhala izehlo zansuku zonke.