Abazali boHlanga abakhulume amaqiniso ezinganeni



UMnu uSanele Gamede: UMqeqeshi WezeMpilo Yabantu Abasha Nezemisebenzi
Ngikhuliswe ngamazwi athi ‘iqiniso niyakulazi futhi iqiniso liyakunikhulula’. Awakaze abe mnandi lamagama, ikakhulu uma kufanele ukhulume iqiniso elingahle likushayise ngomzali noma likufake enkingeni. Omunye wabangani bami wangibuza ukuthi ngisho ukuthi kwamele akhulume iqiniso noma lingase limfake enkingeni yokulahlekelwa ikusasa lakhe? Impendulo yami yathi, likhona yini ikusasa lamanga? Yonke into eyakhelwe esisekelweni esingenaqiniso ayinayo impumelelo. Uma ikhona impumelelo, ayithathi isikhathi eside kungekho okhalayo.
Indaba yeqiniso eliyosikhulula ngiyikhumbuzwa ukubona abazali bebulala ikusasa lezingane zabo ngokungazitsheli amaqiniso. AboHlanga bangene shiqe esilungwini kanye nasezintweni zabezizwe. Indlela yokukhuliswa kwezingane ayisefani futhi igcwele amanga amaningi. Ngithe uma ngiyikhuluma nomfowethu omdala lento yokukhulisa izingane ngendlela efanele ukuze uma sezikhulile zingasuki kuyo, wangikhanyisela kwakhanya bha ukuthi iphutha likithi thina bazali. Uma echaza, uthi “impucuzeko ayisho ukuthi asilahle izindlela kanye nosikompilo lwethu”. Umnewethu waqhubeka wangikhanyisela ngokwenza isibonelo wathi; “Ukukholwa nensindiso izinto zokushintsha uqobo lwakho ngakho yibalekele”.
Uyichaze ngayizwa kahle uma esethi awukwazi ukuthi ungakhuliswa ngenhlonipho, kanye nesimilo kodwa wena uma usunengane ubone sengathi iyahlukunyezwa uma uyikhulisa ngaleyondlela okhule ngayo. Angisho ukuthi izingane azihlukunyezwe kodwa ukube ubaba ongizalayo akangithintithanga ngoswazi, wangikhulisa ngendlela efanele, ngabe angiyona lento engiyiyo namuhla.
Ngifisa ukukhumbuza abazali ukuthi siyazibulala lezi zingane uma singazitsheli amaqiniso. Kunokuthi sibavikele ekufeni ngokubatshela amaqiniso lawa thina esakhula ngawo, sibanikela ekufeni. Sicabanga ukuthi siyabavikela uma singabatsheli iqiniso.
Ngiyazi ukuthi uyazibuza ukuthi iliphi leqiniso ( noma amaqiniso) engikhuluma ngalo lapha futhi iliphi wena ongalikhulumi ezinganeni zakho. Maningi amaqiniso esingawakhulumi ezinganeni zethu nafaka phakathi lawa alandelayo kanye namanye amaningi.
Singabazali asizitsheni izingane zethu ukuthi ukusebenza ngokuzikhandla kuyisikhiye esiya empumelelweni. Into esiyenzayo ukunika izingane zethu yonke into eziyifunayo ngaphandle kokubatshela iqiniso lokuthi itholakala kanjani lento abayifunayo.
Angisho ukuthi uma unayo imali yokwenzela ingane yakho nanoma ngabe yini eyicelayo, ungayenzeli. Kodwa ngiqonde ukuthi kubalulekile ukuthi sifundise izingane zethu ukuthi iphumaphi imali. Asibathandi ngalenkathi sibanika yonke into ngaphandle kokubafundisa ukuthi kuvelaphi. Abantwana bethu bakhula bazi ukuthi yonke into abayifunayo eyabo futhi kumele bayithole. Kungakho izinga lobugebengu kanye nokuhlukumezana lenyuka imihla namalanga kuleli. Uma umuntu uthi awusamthandi ufuna umthande ngenkani ngoba wakhula kubo azi ukuthi yonke into ayifunayo uyayithola.
Elinye iqiniso esingalikhuluma kubantwana bethu, elokuphila impilo eqotho. Ngikhule ngiyiswa ngenkani esontweni, ngingazi nokuthi yini isonto. Ngikhule ngishaywa uma ngingethembekanga noma ngingakhulumanga iqiniso. Sikhala ngenkohlakalo ezweni lakithi ngoba asisalishumayeli ivangeli lokuphila impilo eqotho.
Angikhulumi ngokusindiswa lapha, kodwa ngikhuluma ngempilo yeqiniso, eneqiniso futhi eseqinisweni. Abantwana bakhula bazi ukuthi akunankinga ukuphila impilo engamanga ngoba asifuni ukubatshela iqiniso. Iningi lentsha yakuleli ikhungethwe wukhwantalala ngenxa yokufuna ukuphila impilo yomunye umuntu. Silahle isintu sethu kanye nosikompilo lwethu. Kasaneli , siyeba futhi sikhetha ukukhuluma amanga noma singekho isidingo.
Izingane esizikhulisayo bayibona kithi impilo engenaqiniso. Asisaliboni ihlazo lokondla izingane ngokudla kwenkohlakalo. Sibakhulisa ngokudla okuntshontshiwe besesiswini, ingakho bezophuma bebambe inkunzi, beqhubeka lapho thina siqale khona.
Elinye lamaqiniso esingalikhulumi , yikuthi kuyini ukuba ngowoHlanga umuntu kuleli. Izingane zethu sezaphenduka abelungu futhi baphila isilungu bakhohliwe ukuthi yini ukuba yibo, ukubo ngaboHlanga. Angiqondile ukubandlulula kepha ngikhala ngokulahleka kwemvelaphi yethu singaboHlanga. Izingane zethu azikwazi ukuziqhenya ngokuba ngaboHlanga ngoba thina bazali sifuna babe ngabelungu.
Angikaze ngimbone umlungu ephokophele ukuphila impilo yaboHlanga kodwa thini izingane zethu azikwazi ngisho nokukhuluma izilimi zethu. Sihlezi sikhononda imihla namalanga ngokuhlukunyezwa ngabelungu kanye nokubandlululwa ngabelungu kodwa yithi kanye esizifuhleka kubo ngenkani. Sifuna ukuhlala nabo bengafuni, sifuna ukufunda nabo bengafuni, sifuna ukuphilisana nabo bengasifuni. Okubuhlungu ukuthi sesize salahlekelwa yisikompilo sithi sizama impucuzeko. Izingane zethu zazi ukuthi ayikho impilo ngale kweyomlungu.
Ngifisa siqaphela indlela esiziphatha ngayo phambi kwezingane zethu ngoba zibukela yonke into esiyenzayo. Into emnandi ngazo ukuthi ziyakwazi nokubukela into enhle, okusho ukuthi uma singaqala siphile impilo lena esakhuliswa ngayo ngobabamkhulu bethu bengakwazi ukuyiphila nabo. Qala namuhla wenze uguquko, sisekhona isikhathi. Khuluma nezingane futhi uzitshele iqiniso ngokwehluleka kwakho ukubakhulisa ngendlela wena owakhula ngayo. Into engiyithanda ngabantwana ukuthi bayalalela futhi amazwi akho bazowakhumbula njengoba nawe uwakhumbula awabazali bakho.