UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
IFrance izibophezele ekuxoxisaneni neChina, lokhu kushiwo uNgqongqoshe Wezangaphandle waseFrance uCatherine Colonna ngoLwesihlanu, eqinisekisa ubudlelwano ngemuva kophenyo olumelene noxhaso lwe-European Union
ISouth African Association of Freight Forwarders (SAAFF) ithi ukusebenzisana komphakathi, kanye nabazimele yikhona kuphela okuyisixazululo esikhona enseleleni ebhekene namachweba akuleli.
Kushone abantu abangama-20 kwathi iziboshwa ezibalelwa kwizi-2 000 zeqa ngesikhathi kuhlaselwa isikhungo samasosha, ijele nezinye izindawo eSierra Leone.
UJoseph Boakai uqokwe njengoMengameli waseLiberia ngamavoti angama-50.64%, ehlula uMengameli uGeorge Weah othole ama-49.36%, ngokwemiphumela yokugcina emenyezelwe yikhomishini ngoMsombuluko.
Incwadi evela kubambela likaNgqongqoshe Wezangaphandle waseSudan u-Ali Sadeq eya kuNobhala-Jikelele we-UN u-Antonio Guterres, icela ukuthi kuqedwe uphiko olwaziwa nge-UNITAMS.
Abashayi bomthetho eKenya bavotele ukweseka isicelo sokuthi kuthunyelwe amakhulu amaphoyisa eHaiti emsebenzini ogunyazwe yi-UN.
IKhabhinethi izamukele izibalo zakamuva zokuqashwa kwabantu okuvela ukuthi zikhulile kulezo ezazivela ngesikhathi sokhuvethe.
ICompetition Commission ithe amabhange ayathinteka ekukhwabaniseni irandi lakuleli . Angenisa imali elinganiselwa kuma-trillion ngosuku phakathi kwezi-2007 nowezi-2013.
Ukuqinisekisa ukuthi uthola ulwazi olwanele uMaphumulo wenziwa ibutho lezintatheli ezimkantshubovu, umufi uNduduzo Dladla noSthembiso Mkhize.
Imiphakathi eyahlukene ethembele ezinsizeni zaseposini ithi ithinteke kakhulu ngenxa yosizo olungathembekile kuleli bhizinisi likahulumeni.
Udlame olubhekiswe ezakhamuzini eSudan "ubusathane uqobo" kuxwayise isikhulu esiphezulu seNhlangano Yezizwe ngoLwesihlanu, njengoba isimo esibucayi sobuntu ezweni siya siba sibi nodlame lobuhlanga ludlondlobala esifundeni esisentshonalanga iDarfur.
Izimpi phakathi kwamasosha aseCongo namavukelambuso e-M23 sezishubile empumalanga yeDemocratic Republic of Congo (DRC) ngemuva kwezinyanga eziyisithupha zokuthula.
Lo mbiko ugqamisa izinselelo eziningi izingane ezibhekene nazo e-Afrika, okuhlanganisa ububha, izingxabano, nokuntuleka kwemfundo nokunakekelwa kwezempilo.
Abamelene nejunta (umbutho wezempi obusa izwe) esifundazweni saseMyanmar iChin abehlose ukulawula ingxenye yomngcele waseNdiya.
Amasosha ase-Uganda athi umkhuzi weqembu lamavukelambuso ubanjwe ngesikhathi somkhankaso wasebusuku owashiya inqwaba yabe-ADF beshonile.
Inhloso wukuthi kungabi noshintsho eRussia ngesikhathi isabhekene ngqo nezitha zayo
Igcizelele isidingo esiphuthumayo sokuthi amazwe ase-Afrika abeke ingxenye yesabelomali sawo sezezimali ukuze abhekane nezinselelo ezilethwa ukuguquka kwesimo sezulu
Iqembu elibusayo eGhana iNew Patriotic Party (NPP) liqoke iPhini likaMengameli uMahamudu Bawumia njengelungu elingenele ukhetho lukamengameli lwangoZibandlela wezi-2024, lahlanganisa umqhudelwano nowayengumongameli uJohn Mahama.
Izakhamuzi zivuswe umsindo wokuqhuma kwezibhamu ngesikhathi abahlaseli abangaphezu kwama-300 begasela edolobheni
Uthi sikhona isidingo esikhulu sokuthi uhulumeni aqale ukufuna ubudlelwano nezinkampani ezizimele ukuze kusizwe ama-State-Owned Entities (SOEs) angenamali.
Inkantolo eNkulu yaseGambia igwebe isosha iminyaka eli-12 ejele ngokuhola ukuketulwa kombuso okwabhuntsha kwahulumeni ngonyaka odlule…...
Kuthiwa ezinye izinkampani zonogada zidonsa imali kubasebenzi zenza sengathi zikhokhela umshwalense wezempilo kodwa zingayikhokhi.
Usuka ekwesekeni okungagudluki kwe-Israeli kwagcizelelwa isidingo sokuvikela izakhamuzi zasePalestine eGaza.
I-RSF ithe esitatimendeni izovumela isikhumulo sezindiza kanye nendawo kawoyela ukuthi kuqhubeke nokusebenza.