Now Reading
Uhulumeni uzishaya isifuba ngokunyuka kwezibalo zabasebenzi
Dark Light

Uhulumeni uzishaya isifuba ngokunyuka kwezibalo zabasebenzi

IKhabhinethi izamukele izibalo zakamuva zokuqashwa kwabantu okuvela ukuthi zikhulile kulezo ezazivela ngesikhathi sokhuvethe. UNgqongqoshe eHhovisi likaMongameli uKhumbudzo Ntshaveni uthe ucwaningo lwe Quarterly Labour Force oluqopha ukwenyuka kwemisebenzi ecela ku-400 000 engxenyeni yesithathu yalo nyaka lukhombisa ukuthi imizamo kahulumeni yokuvuselela umnotho iyasebenza.

“Amagalelo anamandla ekwengezeni kwemisebenzi KwaZulu-Natal enyuke  ngezi-152 000, iLimpopo anyuke ngamanani ayizi-70 000, iNorth West yanyuka ngezinkulungwane ezingama-61 000 neMpumalanga ikhombisa ukufezeka kancane kancane komgomo. yoHlelo i- Economic Reconstruction and Recovery Programme olwaziwa nge-ERRP lokwakha kabusha okungcono, okuqinile nokuhlanganisayo.”

 Ngakolunye uhlangothi Intsha eFree State ikhala ngezinga eliphezulu labantu abangasebenzi njengoba kubikwe ocwaningweni lwakamuva lweStatsSA. Ngokocwaningo lwe-StatsSA, iFree State ilahlekelwe yimisebenzi engxenyeni yesibili neyesithathu yalo nyaka uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngonyaka odlule.

Lokhu kuhumusha ukuthi isifundazwe kube yisona sodwa lapho isibalo sabantu abangasebenzi, singaphezeulu kwabantu abaqashiwe. Owesifazane osemusha ongasebenzi, uLorato Dichakane waseRocklands eBloemfontein, wabelane ngemicabango yakhe ngezinga eliphezulu labantu abangasebenzi. UDichakane uthi kunzima ukuthola umsebenzi eNingizimu Afrika – ikakhulukazi uma kudingeka isipiliyoni kubantu, abebengakaze baqashwe ngaphambilini.

“Bayazikhangisa izikhala  kodwa lezo zikhala zibukeka sengathi sezinabantu. Kubukeka sengathi bathatha abantu ezihlotsheni zabo noma emindenini yabo bese bebanika leyo misebenzi. Bese siqhubeka nokufaka isicelo somsebenzi ofanayo ngokuphindaphindiwe, futhi into elandelayo abasitshela yona ukuthi izikhala zifriziwe. Okunye esingakuthokozeli njengabantu abasha wukuthi, ngiphuma esikoleni, ngiqeda u-matric manje, bese kulandela ukuthi bangitshele ukuthi bafuna isipiliyoni seminyaka emihlanu. Ngizothola kuphi isipiliyoni seminyaka emihlanu?”

Ongoti bathi uhulumeni, ikakhulukazi isifundazwe iFree State, asenzanga lutho ukugqugquzela ukudalwa kwamathuba emisebenzi. Lowo ngumbono, wongoti wezoMnotho – uMcinazwe Zwane eCentral University of Technology, ephendula izibalo zakamuva.

“Le nto ibilokhu ivela, yinto ebesilokhu sikhuluma ngayo eminyakeni emihlanu edlule, ukuthi senzani njengesifundazwe mayelana nokutshala imali emakhonweni entsheni. Eminyakeni emihlanu edlule bekunale Hub emayelana nendawo yezomnotho eyayizosungulwa ku-N3 eHarrismith, Qwaqwa, endaweni yaseMaluti-a-Phofung. Nanamuhla akukho osekwenziwe ngakho. Uma ufika endaweni lapho ufica intsha izulazula iphithizela, uma uyibuza ukuthi yini inkinga, ineziqu, idiploma in engineering, diploma in plumbing nokunye. Kodwa manje indima kahulumeni, ikakhulukazi. owesifundazwe, awukho ukuze ubonwe ngabantu.”

Amakhono afanele

See Also

Uhulumeni wesifundazwe iFreestate  uyavuma ukuthi mkhulu umsebenzi odingekayo okuhlanganisa nokuqinisekisa ukuthi abantu abasha banamakhono afanele futhi bathola nokwesekwa.

“Uhulumeni wesifundazwe ubambe iqhaza eliphelele nelihlelekile, ubambisene nezikhungo zezimali zentuthuko, iziphathimandla zokuqeqesha ezemfundo nezinkampani ezizimele, ukuqinisekisa ukuthi isibonelo abantu abasha abangekho kwezemfundo, abaqashiwe noma abaqeqeshwayo, sincipha kakhulu isibalo sabo. Kunamashumi ezigidi zamarandi iziphathimandla zokuqeqesha kwezemfundo eziye zawenza atholakala ukuqeqesha abantu abasha, ukuze sibe nabasebenzi abanamakhono nabanekhono ukusekela ukukhula okubandakanya wonke umuntu hhayi eFree State kuphela kodwa ezweni lonke,” kusho uSello Dithebe waseFree.

Okhulumela uNdunankulu wesifundazwe. Isiyonke imiphumela yocwaningo lwezabasebenzi iveze ukuthi isibalo sabantu abaqashiwe senyuke ngezi-399 000 uma sekuhlanganiswa izifundazwe eziyisishiyagalolunye.

Scroll To Top