Umphumela wokubheda kohlelo emachwebeni aseKZN uzozwela emnothweni
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
ISouth African Association of Freight Forwarders (SAAFF) ithi ukusebenzisana komphakathi, kanye nabazimele yikhona kuphela okuyisixazululo esikhona enseleleni ebhekene namachweba akuleli.
UMengameli Cyril Ramaphosa ngeledlule uvakashele echwebeni laseRichards Bay wathi kuzomele kube khona amabhantshi agcwala umoya kubo ngenkinga edale isiminyaminya esingakaze senzeke emgwaqeni onguthelawayeka u-N2. Lolu hambo lwenzeka ngemuva kwesinqumo sikaTransnet sokumisa ukwamukelwa kwezimpahla ngokuthutha ngomgwaqo echwebeni labo laseRichards Bay Mineral Port.
UMqondisi kasoseshini uMike Walwyn uthe, “Angikugqugquzeli ukuthi lenkampani iphathwe yizinkampani ezizimele kodwa ngibheka izimo njengoba kwenzeka kumakhelwane wethu eMaputo lapho kunobambiswano nenkampani ezimele yangaphandle, lapho uhulumeni waseMozambique ephethe ngama-51% kanye kuthi lenkampani ezimele inama phesenti angama-49 kanti futhi lenkampani iyakwazi ukusebenza ngokuzimela, leyo imodeli evamile emhlabeni wonke futhi siyibona inwetshwa ngaso sonke isikhathi. Kithina, leyo ukuphela kwempendulo yangempela. Asikholelwa ukuthi uhulumeni noma uTransnet ngezinsiza zabo banamandla okukulungisa lokhu.”
IMeya kaMasipala uMngeni, uChristopher Pappas, isole ukwehluleka kukahulumeni ngenxa yenkinga yezokuthutha emachwebeni aKwaZulu-Natal. Lokhu njengoba lenkampani ibhekene nokusalela emuva kwamakhonteyina angaphezu kwezinkulungwane ezingama-70 000 okudingeka athululwe echwebeni laseThekwini. UPappas uthe izindleko zale nkinga zidla izwe izigidigidi zamarandi kwezohwebo.
“Kunokusalela kakhulu kwazo zombili izimpahla ezingenayo neziphumayo. ERichards Bay amalahle anqwabelene ku-N2 njengoba idolobha laseMhlathuze seliyisa uTransnet enkantolo ngodaba lokuvalwa kwechweba ngenxa yomthelela onalo engqalasizinda yedolobha, kanye nokusetshenziswa kwemali ngokuhamba kwesikhathi. Okubaluleke kakhulu ukuthi kwenzekani echwebeni laseThekwini, okuyichweba elikhulu kunawo wonke ezweni lakithi, nelizothola inqwaba yezimpahla ngamakhonteyina. Alinganiselwa kwizinkulungwane ezingama-71 000 ama-container abhajwe olwandle, manje uma ubheka inani lamarandi, libalelwa kwizigidigidi eziyisi-R7-ngosuku okuyimali engangeni ngenxa yokungahwebeki.”
Khonamanjalo uRamaphosa ukhale ngokuthi ukugwamandwa kwamandla ombuso, ukungakwazi ukusebenza kahle, kanye nokuntuleka kokunakekelwa kwezitimela kwaTransnet njengengxenye yezinkinga ezikhungethe loluhlaka lukahulumeni