Now Reading
UBiden usecula elinye iculo ngempi ekwa-Israeli
Dark Light

UBiden usecula elinye iculo ngempi ekwa-Israeli

UMengameli wase-United States uJoe Biden nethimba lakhe bashintshe ngokuphawulekayo ukuphawula kwabo ngesimo sempi ephakathi kwa-Israeli neqembu iHamas ezinsukwini ezisanda kwedlula, besuka ekwesekeni okungagudluki kwe-Israeli bagcizelela isidingo sokuvikela izakhamuzi zasePalestine eGaza ngaphambi kokuhlasela okuqhubekayo kwe-Israel.

UBiden akakayishintshi inkolelo yakhe yokuthi i-Israel inelungelo kanye nesibopho sokuzivikela ngemuva kokuhlaselakwamasosha eHamas ngoMfumfu ziyisi-7 okwabulala abantu abayi-1 400 eningizimu ye-Israel, kusho abasizi bakhe. Kepha inanilokufa kwabantu basePalestine elanda ngokushesha, ubunzima bokukhulula abathunjwa yiHamas kanye nokukhala okukhuluokuvela ezizweni zama-Arab, ababambisene nawase-Europe kanye nabanye abantu baseMelika, kuphoqe ithimba likaBiden ukuthileseke ikhefu lokusiza abantu ekuhlaselweni kuka-Israel futhi ligxile ekutholeni usizo kubantu basePalestine, ngokushokwemithombo eminingi ngaphakathi nangaphandle kwahulumeni wakhe (Biden).Isikhulu eWhite House sithe ukuguquguquka kwephimbo kusekelwe “emaqinisweni aphansi” eGaza nenkinga yobuntu eyandayokanye “nezingxoxo zethimba likaBiden namazwe jikelele.”

Kuke kwaba nokungavumelani ngemuva kwezigcawu phakathi kukaBiden nabeluleki bakhe ngomyalezo waseMelika, kusho omunye owayeyisikhulu esisaxhumana nezikhulu ezikwithimba likaBiden. “Sibone inguquko isuka ohlotsheni lokwangaokungenamibandela kwa-Israyeli kuya kokunye okuncane,” kusho lowo owayeyisikhulu.Uhulumeni kaBiden ubungalindele ukuthi abalimele basePalestine bande ngokushesha njengoba kwenzekile-manjesebengaphezu kwezi-7 000 abashonile eGaza, kusho izikhulu zendawo-noma isimo sobuntu siwohloke ngokushesha okungaka,kusho isikhulu saseMelika esicele ukungavezwa.UBiden, oneminyaka engama-80, uguquka-nje ubhekene nenselelo yokhetho lowezi-2024, izinsongo zabanye abangaba abalandeli bakhe ukuthi bazogodla amavoti abo ngenxa yokungasekeli kwakhe amaPalestine, kanye nesexwayiso esivela kulowoowayenguMongameli uBarack Obama sokuthi isenzo se-Israelisingase sibe nemiphumela emibi kusasa.

Izikhulu zakwa-Israel kanye nabasekeli bazo base-US bazwakalise ukukhathazeka ngasese kwabakwaReuters ukuthi njengobaisikhathi esiningi sidlula kusukela ngonya olwenzeka ziyisi-7 kuMfumfu ngesandla seHamas, yilapho umhlaba uzogxila kakhuluekufeni nasekubhujisweni kokuhlasela kuka-Israyeli eGaza.

See Also

Abeluleki bezempi baseMelika abathunyelwe kulesi sifunda banxusa ozakwabo bakwa-Israel ukuthi baqaphe ngoba noma yiliphiibutho elihlaselayo lizobhekana nezindawo zokulwaezinzima kanye nempi yamahubhe namabhilidi avaleleke okungase kwandise abalimele kumasosha akwa-Israel kanye nezakhamizi zaseGaza, umthombo ohlukile owazi kusho izingxoxo.Ekuphawuleni okungajwayelekile mayelana nenkinga yenqubomgomo yezangaphandle u-Obama, umanduleli waBiden eqembinilamaDemocratic kanye nowayengumphathi wakhe, uxwayise kuleli sonto ukuthi ukunqamula ukudla namanzi okuya eGazaokwenziwa wu-Israeli “kungenza izimo zengqondo zasePalestine zibe lukhuni izizukulwane ngezizukulwane.

”IWhite House ayizange iphendule lapho ibuzwa ukuthi ngabe uhulumeni kaBiden usuke waxoxisana yini nalowoowayengumengameli waleliyalizwe uObama.

Scroll To Top