ISudan ifuna kuhlukane inhloko nesixhanti
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
ISudan icele i-United Nations (UN) ukuthi iwunqamule ngokushesha umsebenzi wezepolitiki kuleliya lizwe. Incwadi evela kubambela likaNgqongqoshe Wezangaphandle waseSudan u-Ali Sadeq eya kuNobhala-Jikelele we-UN u-Antonio Guterres, icela ukuthi kuqedwe uphiko olwaziwa nge-UNITAMS, ngenkathi iqinisekisa u-Guterres ohola loluhlaka lomhlaba ukuthi uhulumeni waseSudan uzibophezele ekuxoxisaneni ngendlela eyakhayo noMkhandlu Wezokuphepha kanye nonobhala.
Uhulumeni waseSudan uthi ukusebenza kwemishini ye-UN ekufezeni izinhloso zayo kuyadumaza njengoba amaqembu ezempi eqhubeka nokulwela ukuphakama ngaphezu kwelinye, ngesikhathi lapho kuqhubeka khona ukwenzeka inhlekelele yobuntu. I-UN ixwayise ngokuthi ukuguquguquka okukhona njengamanje esifundeni kungaholela ekubulaweni kwabantu abaningi endaweni engenamthetho ngokuphelele nokuzogcina ngokungajeziswa.
Ngesonto eledlule, isikhulu esiphezulu seUnited Nations , uClementine Nkweta-Salami, sithe udlame olubhekiswe kubantu baseSudan lusukela ebubini basathane. Owayeyinxusa le-UN eSudan, uVolker Perthes, umemezele ukwesula kwakhe ngoMandulo ngemuva kokumenyezelwa ukuthi ungumuntu ongamukeliwe uHulumeni waseSudan.