Intatheli yelaboHlanga isivunywe ngamabandla onke
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Eminyakeni eyisikhombisa eyedlule insizwa esencane uSabelo Maphumulo wakwaMashu wathweswa ngabaphathi beBayede-Iphepha laboHlanga ijoka lokuba azicije ukuze uma isikhathi sesilungile abe ngumshayeli wophiko lwezemidlalo kwelaboHlanga. Leli kwabe kulijoka elisindayo ephephandabeni elisha nelabe njengaye uMaphumulo lalisafunda ukunyathela.
Ukuqinisekisa ukuthi uthola ulwazi olwanele uMaphumulo wenziwa ibutho lezintatheli ezimkantshubovu, umufi uNduduzo Dladla noSthembiso Mkhize. Sebengasekho laba ababili njengohlelo lwabaphathi uMaphumulo wabe eseba nguMhleli wezemidlalo. Zimbili izinto azenza nezenza elaboHlanga lehluka; waqala imbiko eyisipesheli yezemidlalo emazingeni aphansi okufaka izikhungo eziyizinkulisa kwezikanobhutshuzwayo. Lokhu kwenza abantu balandela okwenzeka emazingeni aphansi nokwasimamisa abadlali kwasondela noxhaso.
Kepha okukhulu nokwehlukile akwenza uMaphumulo kwaba wukuqala amakhasi amane engosi Amantombazane nokuyinamuhla iyaqhubeka nokuqhakambisa abesifazane kwezemindlalo. Lokhu kwenza elaboHlanga kwaba ngelokuqala ukuba nengosi eyiloluhlobo.
Amagalelo akhe kuleli sonto avunywe ngabalingani bakhe kanye nezinhlaka zomdlalo womqakiswano. Uqokwe njengentatheli yonyaka evelele. Imiklomelo izoba ngoLwesihlanu (namuhla) ngehora lesithupha kusihlwa.
UMaphumulo uchichima injabulo ngale ngqayizivele yethuba.
“Kube izindaba ezingithuse kakhulu lezi ngoba bengingakaze ngiwungenele lomklomelo. Ngiyajabula kakhulu ukuthi iKwaZulu-Natal Netball (KZNN) eholwa uGugu Ngema, umsebenzi wami ayiwubukeli neze phansi ngokuthi ingiqoke kulomunxa. Ngithe ngibuza komunye okuwona lomdlalo ukuthi kungani ngiqokiwe, wathi umsebenzi wami uyazikhulumela ngibhale kakhulu ngawo kulesi sifundazwe kusukela emazingeni aphansi kuya phezulu” kusho uMaphumulo.
Le nsizwa isebenze ngokuzikhandla kulo nyaka icoshela ezemidlalo ezahlukene okubalwa kuyona nebhola lomnqakiswano.
Umhleli omkhulu wephephandaba ophinde abe ngumqondisi kwelaboHlanga uMnu uNhlanhla Mtaka uthe lokhu akumethusi “ngoba umfana usevuthiwe usekulungele ukungcweka nontanga yakhe kwezemidlalo.” Uqhubeke wathi eminyakeni eyedlule simeluleke ukuthi angaqali angenele nokuthi kuhle angalandeli imiklomelo yemidlalo eyejwayelekile kwaboHlanga njengonobhutshuzwayo.