Isikapakele nakwezinye izifunda impi eMyannar
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Abamelene nejunta (umbutho wezempi obusa izwe) esifundazweni saseMyanmar iChin abehlose ukulawula ingxenye yomngcele waseNdiya, ngemuva kokunambitha impumelelo ngokuthatha inkambu yeJunta kulendawo eqhelile enezintaba, kusho umkhuzi wawo amavukelambuso.
Inqwaba yamavukela mbuso alwe namasosha aseMyanmar kusukela ekuseni kwaze kwahlwa ngoMsombuluko ukuze azuze amakamu amabili aseduze nesifunda sase-India iMizoram, njengengxenye yokuhlasela uhulumeni oholwa yi-Junta, kusho iPhini likaSihlalo weChin National Front (CNF) uSui Khar.
Abakhulumeli be-junta yaseMyanmar kanye noMnyango Wezangaphandle waseNdiya abazange baphendule ngokushesha ezicelweni zokuphawula. Ubuholi bamasosha aseMyanmar bubhekene novivinyo olukhulu selokhu bathatha izintambo zombuso ngowezi-2021 ngemuva kokuthi amabutho amathathu ezinhlanga ezincane ethule ukuhlasela okuhlangene ngasekupheleni kukaMfumfu, athumba amadolobha athile nezikhulu zamasosha.
Ukuhlasela, okuqanjwe amavukelambuso ngokuthi “i-Operation 1027” ngemuva kosuku eyaqala ngalo, kwaqala ukungena ezindaweni ezilawulwa yi-junta emngceleni neChina eShan State, lapho abaphathi bezempi behlulekile ukulawula amadolobha amaningana kanye nezindawo zamasosha ezingaphezu kwe-100. “Siyaqhubeka nokuhlasela enyakatho yeShan State,” kusho uKyaw Naing, okhulumela iMyanmar National Democratic Alliance Army, eyingxenye yalo mkhankaso. Ukulwa kuphinde kwaqubuka ezindaweni ezimbili ezintsha kuleli sonto, ezifundazweni ezisentshonalanga iRakhine kanye neChin, nokuholele ekutheni izinkulungwane zabantu zibalekele eMizoram.
Abashokobezi abangaba ngama-80 bahlasele amakamu amasosha aseRihkhawdar naseKhawmawi eChin ngezithuba zasezintatha ngoMsombuluko, bagcina bewanqobile lamakamu ngemuva kokulwa kwamahora ambalwa, kusho uSui Khar. Abashokobezi baseChin manje sebezobheka ukuhlanganisa amandla abo emngceleni we-India neMyanmar, lapho amasosha aseMyanmar enamanye amakamu amabili, esho. “Sizoqhubekela phambili,” uSui Khar utshele abeReuters, “Amaqhinga ethu ukusuka ezindaweni zasemakhaya siye edolobheni sigcine siye enhlokodolobha.”
Indawo iChin, ebinokuthula iminyaka eminingi, ibone ukulwa okushubile ngemva kokuketulwa kombuso ngowezi-2021 okwakuholwa abaholi be-junta nezinkulungwane zezakhamuzi zithatha izikhali, eziningi zazo zisizwa futhi zaqeqeshwa yi-CNF. Ukuvukelwa kombuso kwaseChin kwasekelwa abantu bendawo eMizoram, ngenxa yokuxhumana thizeni kwezinhlanga, futhi amashumi ezinkulungwane zabantu abavela eMyanmar bafuna indawo yokukhosela kulesifundazweni esincane saseNdiya, okuhlanganisa abameli bezwe abaxoshwa kanye nabezomthetho.