Now Reading
UGordhan usacula ingoma endala ngamabhizinisi kahulumeni
Dark Light

UGordhan usacula ingoma endala ngamabhizinisi kahulumeni

UNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni, uPravin Gordhan, uthe sikhona isidingo esikhulu sokuthi uhulumeni aqale ukufuna ubudlelwano nezinkampani ezizimele ukuze kusizwe ama-State-Owned Entities (SOEs) angenamali. Uthe lokhu kuzosiza ekufukuleni amanye ama-SOE anenkinga yokusebenza kabi kwezimali. Ubekhuluma ngesikhathi kunesithangami sekomiti lezamaBhizinisi kaHulumeni mayelana nombiko wonyaka weTransnet kanye nezitatimende zezimali.

“Ezinye zezingqinamba ezibhekene nama-SOE zivela odabeni lokugwamandwa kwamandla ombuso. Futhi uma kubhekwa izinga lezikweletu ezikhona kwamanye alawa ma-SOE, kubalulekile ukuthi siphakamise ukubamba iqhaza kwezinkampani ezizimele futhi lapho kunesidingo sokubamba iqhaza ngokulingana kwezinkampani ezizimele, ukuze umbuso ungalahlekelwa ukulawula izikhungo ezibalulekile, amaphrojekthi nezinhlelo kuhulumeni,” kusho uGordhan.

Khonamanjalo, abakwaTransnet bathi izinkinga zabo aziveli ngenxa yokushoda kwamakhasimende. Ethula umbiko wePortfolio Committee on Public Enterprise mayelana nezimali zenhlangano, usihlalo webhodi u-Andile Sangqu uthi izinselelo zezimali ezibhekene nale nkampani zingalungiseka kalula uma izidingo zamakhasimende zingasingathwa ngempumelelo. “Inkampani ayinayo inkinga yokufuna umsebenzi. Uyazi ukuthi amabhizinisi amaningi angasebenzisa imali eningi ezama ukuthola amakhasimende, ekhokha imali ekukhangiseni nasekuthuthukisweni kwebhizinisi, ukuze uthole amakhasimende ukuze ukwazi ukusiza bese ukwazi ukwenza imali.”

See Also

“I-Transnet ayinaso leso sidingo. Amaklayenti akhona. Okushodayo yikhono lethu lokuhlangabezana nokulindelwe kuthini kanye nezimfuneko zamaklayenti. Kuyinkinga engalungiseka lokho,” kwengeza uSangqu.

Scroll To Top