Now Reading
IKenya iphonsa esivivaneni eHaiti
Dark Light

IKenya iphonsa esivivaneni eHaiti

Abashayi bomthetho eKenya bavotele ukweseka isicelo sokuthi kuthunyelwe amakhulu amaphoyisa eHaiti emsebenzini ogunyazwe yi-UN okuhloswe ngawo ukusiza lesizwe saseCaribbean ukuthi sibhekane nodlame lwamaqembu ezigelekeqe.

NgoNtulikazi, iKenya yathembisa ukunikeza amaphoyisa ayi-1 000 ngemuva kokuba iHaiti icele usizo lwamazwe ngamazwe nonogada ukuze basize empini yayo yokulwa namaqembu ezigebengu asolwa ngokubhebhetheka kodlame. Kodwa ngasekuqaleni kukaMfumfu iqembu eliphikisayo laya enkantolo lathola umyalelo wokuthi kumiswe ukuthunyelwa kwalolusizo.

Leli qembu eliphikisayo lathi lolu hlelo alubandakanyi ukuhlanganyela komphakathi futhi luphambene nomthethosisekelo ngoba amasosha kuphela angatshalwa ngaphandle kwezwe. IPhini likaSomlomo wePhalamende uGladys Boss ubize ivoti futhi abashayi bomthetho bakugunyaza lokhu kuthunyelwa kwamaphoyisa, ecaphuna umbiko othi ukuthunyelwa kwamaphoyisa kuhlangabezana nemfuneko yomthethosisekelo yokubheka imibono yomphakathi, eyaqoqwa phakathi komhla zi-2 namhla zi-9 kuLwezi.

See Also

Njengoba uNdunankulu waseHaiti efake isicelo samaphoyisa aseKenya isicelo sihlangabezane nezidingo ngaphansi kwemithetho yaseKenya, kuphetha ikomidi lasephalamende. UGabriel Tongoyo, usihlalo we-Administration and Internal Security Committee, uthe isikhathi sokuthunyelwa kwalamasosha esonyaka owodwa kanti i-United Nations izobhekana nezindleko zayo. Inhlangano yeZizwe Ezihlangene ilinganisela ukuthi abantu baseHaiti ababalelwa kwizi-200 000 basale dengwane ngesikhathi sodlame, namaqembu ezigelekeqe ahlomile abulala ngokungakhethi, ukuthumba, ukudlwengulwa kwezigelekeqe kanye nokushiswa kwemizi yabantu. Umthethwandaba olalela loludaba ngoLwesine uphikisa ukuba semthethweni kokuthunyelwa kwezisebenzi uzakwethula isinqumo sawo mhla zingama-26  ngoMasingana kusho uCharles Midenga, ummeli wabammangali.

Scroll To Top