Now Reading
INumsa ingenelela kweyokushaywa ngemfe iphindiwe konogada
Dark Light

INumsa ingenelela kweyokushaywa ngemfe iphindiwe konogada

Inyunyana yabasebenzi bensimbi iNational Union of Metalworkers of South Africa (NUMSA) ifuna izinkampani zonogada zikhokhele abasebenzi bazo imishwalense yokwelashwa njengoba kuwumthetho.

Kuthiwa ezinye izinkampani zonogada zidonsa imali kubasebenzi zenza sengathi zikhokhela umshwalense wezempilo kodwa zingayikhokhi kwinkampani ehlinzeka ngalemshwalensi , i-Affinity Health.Amalungu eNUMSA amashele emahhovisi ePrivateSecurity Industry Regulatory Authority (PSIRA) eBloemfontein ukuze kulalelweizimfuno zawo.

Okhulumela iNUMSA uPhakamile Hlubi-Majola uthe izinkampani ezifana neMabotwane Security zikweleta abasebenziimali engaphezu kwezigidi ezi-R3.6 womshwalense wezempilo wabasebenzi, ezinyangeni ezili-16 ezedlule.“Ukungayikhokhi lemali kuwukukhwabanisa.

See Also

Kusukela ngoNhlolanja nonyaka iNUMSA isebenzisana nezinye izinyunyana ezifananeSATAWU, KAWU, AWU nezinye emkhankasweni othi “Pay back the money”. Futhi lokhu kwalandelwa ngeziteleka eGoli, ePitoli naseKimberley. Futhi empeleni singasho ukuthi lo mkhankaso ube yimpumelelo ngoba uholele ekutheni ezinye izinkampaniziwuthobele yingakho singeke siyeke umkhankaso wokuveza sihlambalaze izinkampani ezenza lomkhuba.”

Scroll To Top