Now Reading
Kubukeka kungenamkhawulo ngempicabadala yempi eSudan
Dark Light

Kubukeka kungenamkhawulo ngempicabadala yempi eSudan

ISudan’s Rapid Support Forces (RSF) ithe sesingaphansi kwayo isikhumulo sezindiza , entshonalanga yenhloko-dolobha kanti abasebenzi basezindaweni zikawoyela bathi bakhishiwengenxa yalokhu kuhlasela njengoba izinhlangothi ezilwayo seziphindezahlangana ukuze kube nezingxoxo eSaudi Arabia.

IRSF ithe isikhumulo sezindiza saseBelila esifundazweni saseWest Kordofan besisetshenziswa umbutho wezwe, alokhu elwanawo kusukela maphakathi noMbasa, ukwethula izindiza zempi.

Abasebenzi baseBelila oilfield, ekhiqiza imiphongolo eyizi-10,000-12,000 ngosuku kawoyela okuwuwo omningi waseSudan futhionciphayo, bathi bakhishwe emsebenzini ngeSonto ebusuku ngenxa yale mpi.

IRSF ithe esitatimendeni izovumela isikhumulo sezindiza kanye nendawo kawoyela ukuthi kuqhubeke nokusebenza. Lezizinhlangothi zombili bezilokhu zilwa emadolobheni asentshonalanga i-El Obeid ne-El Fasher kulezi zinsuku ezedlule, njengoba izingxoxo ezixhaswe yi-US-kanye ne-Saudi ezihlose ukuzuza isivumelwano sokuthula ziqale kabusha ngeSonto edolobhenilaseSaudi iJeddah.

NgoMsombuluko futhi, iKomidi Lamazwe Ngamazwe Le-Red Cross lithe ibe yingxenye yokukhululwa kwamasosha angama-64 ayeboshwe i-RSF, okwenza isibalo sabantu lelikomidi eselilekelele ukuthi bakhululwe selokhu kuqale lemi baba ngama-292.

Impi yaseSudan yaqala ngemuva kokuthi amasosha kanye neRSF, abake baba ngumbimbi phambilini ngemuva kokuhola ukuketulwa kombuso, kwaba khona nokungavumelani ngezinhlelo zokuguqukelaokhethweni kanye nokuhlanganisa amabutho alezinhlangothi zombili.

See Also

Le ngxabano idale inkinga enkulu yosizo lwabantu, yasusa abantu ababalelwa ezigidini eziyisi-6, yabulala izinkulungwane,yacekela phansi inhloko-dolobha iKhartoum, yadala ukubulawa kwabantungenxa yobuhlanga esifundeni esisentshonalangaiDarfur.IRSF, enesizinda sayo samandla eDarfur, ibilokhu ilwela ukuvikela ingqalasizinda ebalulekile nemizila entshonalanga yezwe ngomzamo wokunqamula ukusebenza kwamasosha kahulumeni.

Ngesonto eledlule iRSFithe isithumbe idolobha iNyala, okuyidolobha lesibili ngobukhulu eSudan kanye nenhloko-dolobhayaseNingizimu yeDarfur.

Scroll To Top