Kuqala phansi ukuqothana emaqenjini ase-Uganda



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
I-Uganda People’s Defence Forces (UPDF) ibulale abasolwa abayishumi nanye abayamaniswa nokuba ngamavukelambuso e-Allied Democratic Force (ADF) asolwa ngokubulala izithandani ezivakashile kanye nomqondisi wazo epaki yezilwane zasendle entshonalanga yaleli lizwe. Amavukelambuso avinjwa ngesikhathi ehamba ngomkhumbi eLake Edward elisemngceleni ohlanganyelwe we-Uganda ne-DR Congo.
NgoMandulo odlule, uDavid Barlow, oyisakhamuzi saseBrithani, kanye nowayethandana naye waseNingizimu Afrika uCelia Geyer babehamba ezindaweni ezizungeze iQueen Elizabeth National Park ngesikhathi behlaselwa babulawa kanye nomshayeli wabo.
Amasosha ase-Uganda athi umkhuzi weqembu lamavukelambuso ubanjwe ngesikhathi somkhankaso wasebusuku owashiya inqwaba yabe-ADF beshonile. Lokhu kulandela ukuhlaselwa okushubile ezizindeni ze-ADF ngokuhlanganyela kwe-DRC kanye neButho lase-Uganda.
Umbutho wezempi wase-Uganda uthi ukuhlasela okungapheli kushiye amavukelambuso engenalutho futhi esebenza emaqenjini amancane ahlomile ahlasela imiphakathi. NgoNhlangulana nonyaka, abasolwa ngokuba namavukelambuso e-ADF bahlasela isikole – naso entshonalanga ye-Uganda kwashona inqwaba kuhlanganisa nabafundi.
Amavukelambuso e-ADF azinze kakhulu e-DR Congo iminyaka engamashumi amabili edlule futhi asolwa ngokufa kwezinkulungwane kanye nabanye abaningi abasuswa ezindaweni zabo.