Bathwele ngeqoma uBawumia

by Anathi Mtaka
Nov 10, 2023


Anathi Mtaka
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Iqembu elibusayo eGhana iNew Patriotic Party (NPP) liqoke iPhini likaMengameli uMahamudu Bawumia njengelungu elingenele ukhetho lukamengameli lwangoZibandlela wezi-2024, lahlanganisa umqhudelwano nowayengumongameli uJohn Mahama.
Losomnotho oneminyaka engama-60 ubudala futhi owayeyisikhulu sebhange elikhulu uke waba ngowesibili esikhundleni kanye nobuso benqubomgomo yezomnotho ngesikhathi sonke sobumengameli bukaNana Addo Akufo-Addo, okumele ehle esikhundleni ngoMasingana kowezi-2025.