Now Reading
Ukuhoxa kwamasosha eCongo nengcuphe yokudungeka kokhetho
Dark Light

Ukuhoxa kwamasosha eCongo nengcuphe yokudungeka kokhetho

Izimpi phakathi kwamasosha aseCongo namavukelambuso e-M23 sezishubile empumalanga yeDemocratic Republic of Congo (DRC) ngemuva kwezinyanga eziyisithupha zokuthula. Lokhu kungqubuzana kudale igagasi elisha lokufuduka ezindaweni zaseRutshuru naseMasisi.

Amasosha kahulumeni waseCongo esekwa yinhlangano yamasosha aziwa ngokuthi iWazalendo alwa namavukelambuso e-M23 esifundazweni saseNorth Kivu kusukela ngenyanga edlule. Ukulwa kushubile empumalanga yezwe nokuholele ekulahlekelweni kwemiphefumulo eminingi kanye nempahla. Izikhulu zendawo zithi izinhlangothi zombili bezidubulana ngezikhali ezinzima.

Amasosha aseBurundi ajutshwe ukuyobheka ukumiswa kwezikhali kubikwa ukuthi asehoxile ezisekelweni zawo ngenxa yodlame olushubile. I-United Nations ithi bangaphezu kwama-200 000 abantu asebebaleke emakhaya kusukela ngoMfumfu. Abaholi beSouthern African Development Community (SADC) basanda kuba nomhlangano e-Angola lapho bedingida khona isimo sezokuphepha esintengantengayo empumalanga ye-DRC.

Banikeze umhlahlandlela wabo wamasu wokutshalwa kwamasosha e-SADC empumalanga ye-DRC ukuze kubuyiselwe ukuthula nokuvikeleka. Njengamanje, amasosha avela eBurundi, Kenya, South Sudan, kanye nase-Uganda azinze kulesi sifunda esinezinxushunxushu ngaphansi koMbutho Wesifunda saseMpumalanga Afrika.

See Also

Nokho uhulumeni waseCongo uzwakalise ukuphoxeka kwawo ngalowo mbutho ngokwehluleka ukulwa namavukelambuso e-M23. Izingxabano empumalanga ye-DRC sezishubile njengoba leli lizwe lilungiselela ukubamba ukhetho ngoZibandlela.

Scroll To Top