UZewde uphonsela inselelo abaholi ezwenikazi ngezingane
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Emzamweni wokuvikela amalungelo kanye nenhlalakahle yezingane e-Afrika yonkana, uMengameli wase-Ethiopia u-Sahle-Work Zewde usehlabe ikhwelo lokuthi abaholi ezwenikazi bathathe isinyathelo ukuze bathuthukise izinqubomgomo ezithuthukisa futhi zivikele izidingo zezakhamuzi ezisencane zaleli zwekazi.
Ikhwelo likaMengameli uZewde liza kulandela ukwethulwa kocwaningo olwenziwe yi-African Committee of Experts on the Rights and Welfare of the Child. Lo mbiko ugqamisa izinselelo eziningi izingane ezibhekene nazo e-Afrika, okuhlanganisa ububha, izingxabano, nokuntuleka kwemfundo nokunakekelwa kwezempilo. Omele i-UNICEF, uDkt uLaila Omar Gad, uhambe emazwini kamongameli, egcizelela isidingo sokuthi ohulumeni babele izinsiza ezanele ekusekeleni nasekuvikeleni amalungelo ezingane.
UKhomishana weAfrican Union(AU) ugcizelele ukuthi ukuthulisa izibhamu kuzosiza nasekunciphiseni usizi lwezingane ezikhahlanyezwa yizimpi, ezivame ukuholela ekubalekeleni, ekuhlukumezekeni nasekuxhashazweni kwazo. Umbiko we-African Committee of Experts on the Rights and Welfare of the Child uhlinzeka ngemininingwane ebalulekile nezincomo ezingazisa ukwenziwa kwenqubomgomo okuhloswe ngayo ukuvikela amalungelo ezingane.
NgokoMmeleli Okhethekile Wenhlangano Yezizwe Ezihlangene, uDkt uNajat Maalla, ukubhekana nokuntengantenga kwezombusazwe kanye nokuwohloka komnotho nakho kubalulekile ekudambiseni imiphumela emibi lezi zinto ezinayo ezinganeni. Izinhlangano ezehlukene zezingane zizwakalise ukuthi zinethemba lokuthi izincomo ezivezwe embikweni zizosetshenziswa, zilethe ushintsho ekuhluphekeni izingane eziningi ezibhekana nakho ezwenikazi lonke.