Now Reading
Uvalo ngokuvuka kwenye impi eCAR
Dark Light

Uvalo ngokuvuka kwenye impi eCAR

Kushone izakhamuzi ezinhlanu ngesikhathi amavukelambuso ehlasela idolobha elisenyakatho-ntshonalanga yeCentral African Republic ngoLwesine, nokubikwe  ukwanda kwakamuva kule ngxabano edonse iminyaka eyishumi, kusho isikhulu sendawo.

Amalungu omfelandawonye wamaqembu ahlomile aziwa ngeCoalition of Patriots for Change (CPC) ahlasele idolobha iMoyenne Sido eduze nomngcele waseChad ngaphambi kokuphuma kwelanga, kusho iMeya uSalomon Yamindji.

Izakhamuzi zivuswe umsindo wokuqhuma kwezibhamu ngesikhathi abahlaseli abangaphezu kwama-300 begasela edolobheni, esho, nokusho ukuthi isikhashana kushone abantu abayisihlanu. Omunye osindile usiqinisekisile isibalo sabashonile wathi omunye wabashonile ngowesifazane.

Ngokuhamba kwesikhathi i-CPC yakhipha isitatimende yathi isilithathile idolobha futhi yanxusa izakhamuzi ukuba zihlanganyele nayo. Umbutho wezwe wona awuzange uphawule ngalokhu.

Amasosha e-CPC afuna ukuketula umphumela wokhetho lwangoZibandlela kowezi-2020 lapho uMengameli uFaustin-Archange Touadera athatha ihlandla lesibili. Ibutho lezwe , lisekelwa ngabagcini bokuthula beUnited Nations, amasosha aseRussia nawaseRwanda, sekuneminyaka lilwa naleli qembu. I-UN isole zonke izinhlangothi ngokuhlukumeza okuhlanganisa ukubulala okufingqiwe, ukuhlukunyezwa, udlame locansi oluhlobene nokungqubuzana nokusetshenziswa kwabantwana abalwa phakathi kokunye.

See Also

ICentral African Republic enothile ngezokumbiwa phansi ibhekene nodlame kusukela umfelandawonye wamavukelambuso iSeleka (exhaswe kakhulu ngabenkolo yobuSulumane) aginga umbuso wowayenguMengameli wangaleso sikhathi uFrancois Bozize ngowezi-2013, nokuholele ekutheni iningi lamasosha angamaKrestu aziphindiselele.

I-CPC ivamise ukusebenza ngokuhlasela amadolobha, izindawo zasemakhaya kanye nezindawo lapho kuzinze khona umbutho. Leliqembu labulala okungenani amasosha ayisithupha ngesikhathi lihlasela isikhungo samasosha ngoMbasa nyakenye base lahlasela idolobha elisentshonalanga yezwe ngokuhamba kwesikhathi ngoMfumfu.

Scroll To Top