UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Umholi wekhokhasi yasePhalamende ye-ActionSA u-Athol Trollip umemezele ukuthi iqembu selisamukele isiphakamiso se-African National Congress (ANC) sokuthi leli qembu lithathe isikhundla sikaSihlalo weStanding Committee on Public Accounts (SCOPA) ngaphandle kwemibandela.
Isimo sezokuphepha empumalanga ye-DRC siqhubekile nokuba sibi, sifinyelela emazingeni ashaqisayo odlame kanye nokuxoshwa kwezakhamuzi.
UMbutho Wezokuvikela waseNingizimu Afrika (SANDF) uthi ukushona kwesosha ebelisebenza ngaphansi koMbutho Wezizwe Ezihlangene, iMONUSCO, eDRC akuhlangene nokuhlasela kwaphambilini.
Amakhulu abantu baseKenya bebehambele ikhonsathi enhlokodolobha iNairobi izolo, becula iziqubulo bedansa, ukukhumbula abantu abangaphezu kwamashumi amathathu ababulawa emibhikishweni yakamuva emelene nohulumeni.
Amasosha ase-Uganda asekele iqembu lamavukelambuso iM23 elisebenzela empumalanga yeDemocratic Republic of Congo.
Inqwaba yabantu baseKenya ibhekene nokuthunjwa okufanayo emasontweni amabili edlule, kusho izinhlangano ezilwela amalungelo abantu, ezisola ukuboshwa ngokungemthetho kwabantu kwezobunhloli baseKenya.
Amaqembu ezepolitiki aphikisanayo eSudan ahambele ngokusemthethweni izingxoxo zokubuyisana eCairo.
Izishoshovu ezigqugquzela imibhikisho emelene noHulumeni waseKenya zicubungula kabusha iqhinga lazo.
IPhini likaMengameli uKamala Harris kubukeka ehamba phambili ongangena esikhundleni sikaMengameli wase-USA uJoe Biden uma enquma ukungaqhubeki nomkhankaso wakhe wokuphinda aqokwe kulesi sikhundla.
UNgqongqoshe Wezokuvikela osanda kuqokwa, u-Angie Motshekga, uthi uwulungele lo msebenzi.
Inhlangano elwela amalungelo abantu, iBlack Sash, inxuse uNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi, uSisisi Tolashe, ukuthi abeke eqhulwini abhekane nezinselelo eziqhubekayo ezibhekene nabampofu eNingizimu Afrika.
ISierra Leone ivale ngokusemthethweni ukushadiswa kwezingane njengoba uMengameli uJulius Maada Bio esayina uMthethosivivinywa wokuqeda lo mkhuba osudlangile.
Bekunenqwaba yamaphoyisa enhlokodolobha yaseKenya iNairobi ngoLwesibili lapho amaphoyisa odlame ezulazula emigwaqweni esebenzisa isisi esikhalisa unyembezi ukuhlakaza amaqeqebana ababhikishi.
INorth Korea yenze ngempumelelo isivivinyo esibalulekile okuhloswe ngaso ukwakha imicibisholo yemi emakhandakhanda, kusho abezindaba zombuso iKCNA ngoLwesine, isimemezelo esiphikwe yiSouth Korea ngokuthi "inkohliso" yokufihla ukuvivinywa okungabanga impumelelo.
Imizamo yokuketula umbuso eBolivia ibhuntshile ngemuva kokuthi umholi weqembu eliphikisayo uJenene uJuan Jose Zuniga eboshiwe ngemuva kokuthi amasosha agasele endaweni kaMengameli kanye neyeCongress enhlokodolobha yaseLa Paz.
UMkhandlu WaseNyuvesi YaseKapa (i-UCT) wamukele isinqumo esiphakamisa ukuthi le nyuvesi iziqhelelanise zonke izikhungo zezemfundo zakwa-Israel kanye nabacwaningi abangaphansi koMbutho Wezokuvikela wakwa-Israel.
UMengameli waseKenya uWilliam Ruto uwuchithile futhi wawuhoxisa uMthethosivivinywa wezezimali ohlongozwayo.
I-United Nations Relief and Works Agency for Palestine Refugees (UNRWA) imangalelwe eNkantolo Yesifunda YaseNew York ngabakwa-Israeli ababesola le-Ejensi ngokusiza nokuvikela ukuhlasela kweHamas kwa-Israeli ngoMfumfu nyakenye.
UMengameli waseKenya, uWilliam Ruto, izolo uthe ezokuphepha "yinto eza kuqala kuye" ngemuva kwemibhikisho ephikisana noMthethosivivinywa wokukhushulwa kwentela osuphenduke udlame, nalapho amaphoyisa edubula ababhikishi abebezama ukugasela eSishayamthetho, kwashona okungenani abahlanu.
Umholi waseNorth Korea uKim Jong Un wamukele uVladimir Putin waseRussia lapho efika esikhumulweni sezindiza sasePyongyang, futhi laba baholi ababili babelana “ngemicabango yabo ejulile” futhi bavuma ukuthuthukisa ubudlelwano bamazwe abo, kusho abezindaba zezwe saseNorth Korea.
UNdunankulu wakwa-Israel uBenjamin Netanyahu usehlakaze iKhabhinethi yempi enamalungu ayisithupha.
Umbiko omusha we-United Nations (UN) uthi ngowezi-2023, udlame olubhekiswe ezinganeni ezimpini lwafinyelela emazingeni adlulele ngokwenyuka okushaqisayo kwama-21%.
UMengameli waseMalawi uLazarus Chakwera usememezele isikhathi sokuzila sezinsuku ezingama-21 kulandela ukushona kwePhini likaMengameli wezwe uDkt Saulos Chilima.
ICongress of Traditional Leaders of South Africa (Contralesa) isizwakalise ukukhathazeka ngokuthi amalungu ayo ashiywe ngaphandle ezingxoxweni zamaqembu ezepolitiki ngaphambi kokusungulwa kukaHulumeni Wobumbano Kazwelonke (GNU) okuhlongozwe uKhongolose.