Now Reading
ISierra Leone ivale ukushadiswa kwezingane okudlangile
Dark Light

ISierra Leone ivale ukushadiswa kwezingane okudlangile

ISierra Leone ivale ngokusemthethweni ukushadiswa kwezingane njengoba uMengameli uJulius Maada Bio esayina uMthethosivivinywa wokuqeda lo mkhuba osudlangile.

UMnyango Wezempilo ulinganisela ukuthi ingxenye yesithathu yamantombazane ashadiswa ngaphambi kokuba abe neminyaka eli-18 ubudala, nakho okugcina kukhulisa isibalo esiphezulu sabantu abashona bebeletha ezweni, okuphakathi kwamanani aphezulu kakhulu emhlabeni.

Ngokomthetho, noma yimuphi owesilisa oshada nentombazane eneminyaka engaphansi kweli-18 angase abhadle ejele okungenani iminyaka eli-15 akhokhe kanye nenhlawulo eyizi-$4 000.

See Also

Abazali noma labo abeza emicimbini enjalo yomshado nabo bangabhekana nesijeziso ngaphansi kwalo salomthetho omusha.

Scroll To Top