I-Uganda yeseka iM23 eCongo: i-UN
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Amasosha ase-Uganda asekele iqembu lamavukelambuso iM23 elisebenzela empumalanga yeDemocratic Republic of Congo, kusho umbiko we-United Nations obonwe abakwaReuters ngoMsombuluko, njengoba udlame olushubile lubhebhethekisa ukwesaba ukuthi kungase kuqubuke impi entsha.
I-Uganda ikuphikile ukuthi iyabandakanyeka, yathi ibambisana kakhulu namasosha kaHulumeni waseCongo.
Sekuyisikhathi eside i-UN isola iRwanda ngokweseka iM23, osekukaningi ishaqa izingxenye ezinkulu zezwe elicebe ngezimbiwa empumalanga yeCongo, iRwanda isaziphika namanje lezi zinsolo.
Sekungamashumi eminyaka iCongo ikhungethwe izingxabano. I-Uganda neRwanda bahlasela ngowe-1996 nangowe-1998 ngalokho ababethi ukuzivikela emaqenjini endawo. I-Uganda isaqhuba umkhankaso ngokubambisana namasosha aseCongo ngokumelene neqembu lamavukelambuso e-Uganda.
Amavukelambuso iM23 aholwa ngamaTutsi abelokhu evukela umbuso empumalanga yeCongo kusukela ngowezi-2022. Amasosha ase-Uganda abeyingxenye yebutho lesifunda elajutshwa ngoLwezi wezi-2022 ukuze liqaphe ukumiswa kwezikhali neM23. Iziphathimandla zaseCongo zacela ukuthi lo mbutho uhoxe ngonyaka odlule, zathi awusebenzi.
“Selokhu kwaqala uthuthuva lweM23, i-Uganda ayizange ikuvimbele ukuba khona kwamasosha eM23 kanye neRwanda Defence Forces (RDF) endaweni yayo noma ukudlula kuyo,” kusho iQembu Lochwepheshe loMkhandlu Wezokuphepha we-UN embikweni, othunyelwe iKomidi Lezonswinyo loMkhandlu Wezokuphepha we-UN ekupheleni kukaMbasa bese kuba ngamalungu oMkhandlu Wezokuphepha ngoNhlangulana.
Leli thimba elingaphansi kwe-UN liphinde lathi lithole ubufakazi obuqinisekisa ukweseka iM23 yizikhulu zezempi nezobunhloli, kanti abaholi be-M23, okuhlanganisa noSultani Makenga ovele obhekene nonswinyo, eya e-Uganda emihlanganweni.