Izishoshovu zaseKenya namasu amasha



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.




Izishoshovu ezigqugquzela imibhikisho emelene noHulumeni waseKenya zicubungula kabusha iqhinga lazo ngemuva kwemibhikisho ebingoLwesibili igubezelwe udlame nokuphanga ezesaba ukuthi kungase kucekele phansi lo mzabalazo kanye nemizamo yayo yokuphoqa uMengameli uWilliam Ruto ukuthi ehle esikhundleni.
Lezi zishoshovu zithi lolu dlame bekuwumsebenzi “wezixhwanguxhwangu” eziqashwe osopolitiki ukuze badicilele phansi isithunzi sababhikishi abasemthethweni noma baqhubekisele phambili izinhloso zabo. Abanye bacele ezinkundleni zokuxhumana ukuthi umbhikisho olandelayo ohleliwe ngoLwesine ungaqhubeki.
“Kubukeka sengathi umbuso usubonile ukuthi ukuphela kwendlela yokulwa nale mzabalazo ukusebenzisa izixhwanguxhwangu ukugqugquzela udlame, ukugqekeza impahla yabantu, ukuphanga, nokungcolisa injongo yethu,” kusho u-Ojango Omondi, isishoshovu enhlokodolobha iNairobi, etshela abeReuters.
“Sekuyisikhathi sokwakha amasu kabusha futhi senze amasu okuthi singalunqoba kanjani lolu dlame futhi sigcine imibhikisho yethu igxile ezinhlosweni zayo zangempela.”
Umkhulumeli kahulumeni waseKenya akazange aphendule esicelweni sokuphawula. Esitatimendeni sangoLwesibili, uNgqongqoshe Wezangaphakathi uKithure Kindike usole udlame “kumaqembu ezigebengu eziphangayo”.
Imibhikisho yokuqala yangenyanga edlule ephikisana nokwenyuswa kwentela ibinokuthula, yize amaphoyisa adubula ngesisi esikhalisa unyembezi nenganono yamanzi ababhikishi.
Ukubuthwa kwabantu baseKenya bevela kuzo zonke izinhlanga mayelana nezidingo ezijwayelekile zomnotho kwaphawula ikhefu nezinhlangano zokubhikisha zangaphambilini ezivame ukuhlelwa osopolitiki abanezikhalazo zobuhlanga ezivame ukuba phambili.
Imibhikisho ibe nodlame njengoba abanye ababhikishi bagasele kafushane ephalamende ngesonto eledlule amaphoyisa avulela ngenhlamvu kwashona inqwaba. Ngosuku olulandelayo, uRuto wakuhoxisa ukunyuswa kwentela. Kodwa ababhikishi bafunge bagomela ukuthi bazoqhubeka, bavesa nezimfuno eziningi, kusukela ezindleleni zokulwa nenkohlakalo kuya ekusuleni kukaRuto esikhundleni.