Now Reading
Kungenzeka uHarris angenele uBiden: Imithombo
Dark Light

Kungenzeka uHarris angenele uBiden: Imithombo

IPhini likaMengameli uKamala Harris kubukeka ehamba phambili ongangena esikhundleni sikaMengameli wase-USA uJoe Biden uma enquma ukungaqhubeki nomkhankaso wakhe wokuphinda aqokwe kulesi sikhundla. Lokho kungokwemithombo eyisikhombisa ephezulu emkhankasweni kaBiden, iWhite House kanye neDemocratic National Committee ngolwazi lwezingxoxo zamanje ngalesi sihloko.

Inkulumo yokungena esikhundleni sikaBiden esiqongweni sethikithi likMengameli weDemocratic Party yanyuswa ngemuva kokungenzi kahle ngesikhathi uBiden ebhekene nembangi uDonald Trump ngesonto eledlule kuyo inkulumompikiswano.

Abanye baye baphakamisa amanye amagama – njengababusi beDemocratic Alliance uGavin Newsom waseCalifornia, uGretchen Whitmer waseMichigan kanye noJosh Shapiro wasePennsylvania. Kepha imithombo, engathandanga kudalulwe igama layo, itshele abeReuters ukuthi ukukhishwa eceleni kukaHarris kuyisifiso-nje futhi okungeke kwenzeke.

See Also

Le mithombo ithe uKamala Harris, oneminyaka engama-59, uzothatha imali eqoqwe umkhankaso waBiden futhi azuze ingqalasizinda yomkhankaso. Imithombo iphinde yathi futhi igama lakhe lihamba phambili kulaba aqhathaniswa nabo.

Scroll To Top