Now Reading
Isiphakamiso sokubeka abampofu eqhulwini
Dark Light

Isiphakamiso sokubeka abampofu eqhulwini

Inhlangano elwela amalungelo abantu, iBlack Sash, inxuse uNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi, uSisisi Tolashe, ukuthi abeke eqhulwini abhekane  nezinselelo eziqhubekayo ezibhekene nabampofu eNingizimu Afrika.

Le nhlangano ithi nakuba kusesekuseni kakhulu ukuthi iphawule ngokuthi yenelisekile yini ngokuqokwa kukaTolashe,  ithe kumele kube nokuxoxisana njalo ukuqinisekisa ukuthi amazinga angamukelekile obubha nokungalingani kuyehla. Bangaphezu kwezigidi ezingama-26 abantu baseNingizimu Afrika abathembele ezibonelelweni zikaKulumeni.

Okhulumela iBlack Sash uHoodah Abrahams-Fayker uthe uMnyango kumele uqinisekise ukuthi izidingongqangi zabampofu ziyahlangatshezwa.

See Also

“Sibheke ngabomvu ukwethula inhlangano yethu kuNgqongqoshe futhi sithemba ukuthi sizoqhubeka nokuxoxisana ukuze kubhekwane nomzabalazo wabahlomuli abaphonselwe inselelo ngempela yokuthola inani eliphelele lemali yezibonelelo zabo uma kubhekwa izinkinga ngoSASSA, iPostbank Partnership.”

Scroll To Top