Now Reading
I-Hezbollah isigadle eTel Aviv
Dark Light

I-Hezbollah isigadle eTel Aviv

IHezbollah idubule amarokhethi anzima kwa-Israel ngeSonto, njengoba abezindaba bakwa-Israel bebika ukuthi lamarokhethi agadle ibhilidi eduze kwaseTel Aviv ngemuva kokuhlasela kwezomoya okunamandla kwa-Israel okwabulala  abantu abangu-29 eBeirut ngayizolo.

U-Israeli uphinde wahlasela izindawo eziseningizimu ezilawulwa yi-Hezbollah e-Beirut, lapho ukuqhuma kwamabhomu emasontweni amabili edlule kuhambisane nezimpawu zenqubekelaphambili ezingxoxweni eziholwa yiMelika zokumisa lempi.

IHezbollah, phambilini efunge yagomela ukuthi izophendula ekuhlaselweni kweBeirut ngokugadla  iTel Aviv, ithe idubule imicibisholo  ezindaweni ezimbili zamasosha eTel Aviv nasezindaweni eziseduze.

Amaphoyisa akwaIsraeli athi kunezindawo eziningi ezinothintekile kulokhu kuhlasela kweHezbollah  endaweni yasePetah Tikvah, empumalanga yeTel Aviv, nokuthi abantu abambalwa babe nemihuzukwana. Izithombe ezivele kuthelevishini zikhombise ifulethi elilinyazwe ukuqhuma kwamarokhethi ePetah Tikvah, kanti ividiyo evela kwabezempilo i-MDA ikhombise izimoto zivutha.

See Also

Umbutho wezempi wakwa-Israel (IDF) uthe iHezbollah idubule amarokhethi ayi-170 kwa-Israel ngeSonto, amaningi ukwazile ukuwaphebeza. Abantu abane balinyazwe ilokhu kugadla. I-video etholwe ngabakwaReuters ikhombisa ukuqhuma kwebhomu ngesikhathi ibhodloza uphahla lwebhilidi elisenyakatho yedolobha lakwa-Israel iNahariya.

Scroll To Top