Now Reading
Izingxabano ziyakhula eMiddle East kulandela ukubulawa komholi weHamas
Dark Light

Izingxabano ziyakhula eMiddle East kulandela ukubulawa komholi weHamas

U-Emad Saber, onguMqondisi Wamazwe mpumalanga, imaphakathi naseNingizimu ne-Afrika, unxuse bonke labo abeseka abantu basePalestine eGaza ukuba benze umhla zi-3 kuNcwaba usuku lwentukuthelo ngokumelene nokudliwa kwePalestine.

Lokhu kuza ngemuva kokubulawa komholi omkhulu we-Hamas, u-Ismail Haniyeh, owayenguNdunankulu wasePalestine nomholi omkhulu wezepolitiki. Ukubulawa kukaHaniya sekuholele ekutheni kushube isimo eMiddle East.

“Abazimisele ngezingxoxo. Ngabe uzimisele kangakanani ngezingxoxo futhi [wena] ubulala umuntu okhuluma nawe ukuthi kumiswe ukulwa? Abazange bazimisele ngalokho kusukela ngosuku lokuqala. Bangabulala kanjani abantu basePalestine abangaphezu kwezi-40 000 eGaza ngenkathi bebulala izingane ezingaphezu kwezi-17 000 eGaza? Bazimisele kanjani ngezingxoxo?” Kubuza uSaber.

Scroll To Top