Inkantolo yaseZambia inqume ukuthi owayenguMengameli angalingeneli elinye ihlandla
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
INkantolo yoMthethosisekelo yaseZambia ikhiphe isinqumo sokuthi lowo owayenguMengameli u-Edgar Lungu akafaneleki ukungenela elinye ihlandla esikhundleni. Lokhu kungemuva kokuthi uLungu eveze uhlelo lwakhe lokubuyela kwezombusazwe.
Inkantolo iphinde yaveza ukuthi ihlandla lokuqala likaLungu, alibambe kusukela ngowezi-2015 kuya kowezi-2016 ngemuva kokushona kowayenguMengameli uMichael Sata, ilithatha njengeliphelele. Ihlandla lesibili likaLungu lalisuka kowezi-2016 laya kowezi-2021 wabe esehlulwa nguMengameli osesikhundleni njengamanje uHakainde Hichilema ngowezi-2021.
Ngesikhathi kuqhubeka inkonzo yesikhumbuzo kalowo owabe enguMengameli uMichael Sata ngowezi-2023, uLungu wathi uzophuma empeshenini. Ukubuya kukaLungu kulandela ukuboshwa kwamalungu omndeni wakhe amaningi okuhlanganisa nonkosikazi wakhe ngezinsolo zokutholakala nezimali zobugebengu.
Abamele uLungu sebeveze ukuthi bayasicubungula isinqumo futhi bakhathazeke kakhulu ngesinqumo senkantolo.