Now Reading
Isikhuni siyobuya nomkhwezeli odabeni lokuqothulwa kohlanga eGaza: Lamola
Dark Light

Isikhuni siyobuya nomkhwezeli odabeni lokuqothulwa kohlanga eGaza: Lamola

UNgqongqoshe Wezobudlelwano Namazwe Ngamazwe, uRonald Lamola uthi ukholelwa ukuthi ubulungiswa buzokwenziwa odabeni oluthinta impi yaseGaza.

Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule, i-International Criminal Court (ICC) ikhiphe izincwadi ezigunyaza ukuboshwa kukaNdunankulu wakwa-Israel uBenjamin Netanyahu, owayengungqongqoshe wezokuVikela u-Yoav Gallant kanye nomholi we-Hamas owabulawa wu-Israeli ekuqaleni kwalo nyaka.

Bonke basolwa ngokwenza amacala ezimpi. ULamola ukhulume namalungu ezikhulu zamanxusa eHazyview, eMpumalanga.

“Njengezwe sisamukele isinqumo se-ICC, sikholwa wukuthi ukuziphendulela kuzogcina kwenzeka. Kungase kuthathe isikhathi eside kakhulu, kungase kuhambe ngesivinini esingasithandi, kodwa ingalo yomthetho izogcina ibambe iziphathimandla zakwa-Israel ezinesandla ekuqothulweni kohlanga okwenzekayo njengamanje. Siyasamukela lesi sinqumo, sinesibindi futhi sizosiza ubulungiswa nokubuyiselwa komthetho.”

See Also

Khonamanjalo uSihlalo weDesmond and Leah Tutu Legacy Foundation, uNiclas Kjellström-Matseke, usenxuse ukuba kukhululwe ngokushesha bonke abathunjwa iHamas.

Uphinde wacela ukuthi kumiswe ukulwa eGaza kanye nokuvinjelwa kokuthunyelwa kwezikhali kwaIsraeli.

Scroll To Top