Izintatheli ezimbili ze-Al Jazeera Arab Network zibulawe eGaza
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Izintatheli ezimbili ezisebenzela i-Al Jazeera Arab Network zibulewe ekuhlaseleni kwa-Israel ngezomoya (air strike) endaweni yaseGaza ngesikhathi zibika ngokuphawula kwabaseGaza ngokushona komholi wezepolitiki we-Hamas u-Ismail Haniyeh e-Iran ekuqaleni kukaLwesithathu.
Intatheli u-Ismail al-Ghoul nomthwebuli wakhe uRami al-Refee babulawa besebenza ekamu lababaleki laseShati, entshonalanga yeGaza naseduze nomuzi kaHaniyeh. I-UN icele ukuthi kube nophenyo olugcwele kanye nokuziphendulela ngokubulawa kwazo zonke izintatheli empini eqhubekayo.
Uzakwabo kamufi, intatheli u-Anas Al-Sharif, utshele i-Al Jazeera ukuthi laba bobabili bebesemsebenzini wokuqopha eduze komuzi ka-Ismail Haniyeh, owabulawa esigamekweni okusolakala ukuthi kunesandla sika-Israeli eTehran ngesikhathi ehambele umcimbi wokufungiswa kaMengameli omusha waleliyalizwe.
Akubanga khona ukuphawula okusheshayo okuvela kwa-Israeli ngalokhu kuhlasela okwenzeke eGaza, kanti futhi lelizwe liyaqhubeka nokuchitha izinsolo zokuthi libuye lihlasele libhekise ngakwizintatheli empini yayo yezinyanga eziyishumi neHamas eGaza.
ICommittee to Protect Journalists ithi izibalo zayo zokuqala zikhomba izintatheli nabasebenzi bemithombo yezindaba ezingaphezu kwe-110 asebebulewe kusukela kuqale impi ngoMfumfu ngonyaka odlule. I-Al Jazeera ilahlekelwe okungenani yizintatheli ezine ngesikhathi esifanayo eGaza.