Now Reading
Kuhlaselwe isizinda sombutho eSudan
Dark Light

Kuhlaselwe isizinda sombutho eSudan

Ukuhlasela kwe-Drone kuphazamise umcimbi wokuthweswa iziqu eGibeit Army Base empumalanga yeSudan ngoLwesithathu. Abazibonele batshele abeReuters ukuthi lokhu kuhlasela bekuqonde enkambeni ngesikhathi kuvakashe isikhulu samasosha uGeneral Abdel Fattah al-Burhan, owasinda kulokhu kuhlasela.

Amavidiyo abiwe ezinkundleni zokuxhumana futhi aqinisekiswa ngabakwaReuters akhombisa amasosha emasha ezivivinyweni zokuthweswa iziqu ngaphambi kokuhlaselwa. Isitatimende samasosha sithi lokhu kuhlasela kwenzeke endaweni engamakhilomitha ayi-100 ukusuka enhlokodolobha yamasosha ePort Sudan esifundazweni saseSudan oLwandle Olubomvu, kanti abantu abahlanu bashonile.

Umeluleki womholi weRapid Support Forces (RSF), imbangi yamasosha empini, ukuphikile ukuthi banesandla kulokhuy kuhlasela. Kwaqubuka impi phakathi kwe-RSF kanye nombutho wezwe ngoMbasa kowezi-2023 ngezinhlelo zokuhlanganisa lezinhlangothi ezimbili kwakhiwe umbutho owodwa.

See Also

Le ngxabano idale usizi olubi kakhulu emhlabeni, okushiye ingxenye yabantu ibhekene nenkinga yokushoda kokudla futhi isusa abantu abangaphezu kwezigidi eziyi-10 emakhaya abo.

Scroll To Top