Now Reading
UMantashe uzithele ngehlazo ephawula ngogesi
Dark Light

UMantashe uzithele ngehlazo ephawula ngogesi

UNgqongqoshe wezaMandla uGwede Mantashe uvumile ukuthi izwe liyaphuza ukuxazulula izinkinga zokuphehla ugesi.

Ukusho lokhu ekhuluma engqungqutheleni yeBRICS Energy Cooperation Forum eMidrand, eGoli ngaphambi kweNgqungquthela ye-15 yeBRICS eqalile kulelisonto eSandton.

“Sihamba kancane ekuthuthukiseni umthamo wokukhiqiza, futhi kufanele sikubheke lokho yingakho silapha, kodwa uguquko lubalulekile. Kufanele sikujabulele lokho. Kufanele kube wuguquko olukhuluma nengxenye efanele, okwenziwa ngayo ubulungiswa.”

UMantashe uphinde wathi i-Europe ayinalo iqiniso uma kukhulunywa ngezinguquko- nje. Uthe lelizwekazi (Europe) beliphoqa ukuthi iNingizimu Afrika isuke emalahleni ekubeni amalahle athengwa yilo eNingizimu Afrika aphindeke kasishiyagalombili.

See Also

“I-Europe, engasihlukumezi kakhulu, iyaphuma emalahleni. I-oda labo lamalahle kithi selikhule ngokuphindwe kasishiyagalombili ngowezi-2022. Bathatha amalahle ethu, bayawasebenzisa, kodwa bathi asiphume ngokushesha kuwo, kodwa bayawasebenzisa.”

UNgqongqoshe uGwede Mantashe. Isithombe: Business Live

Scroll To Top