Uyinyathele emsileni uDe Ruyter ngokubhoboka


Uthi uzocitha isikhathi esiningi phesheya kwezilwande njengoba esengumuntu okhululekile
Kungakapheli namahora angama-24 ebambe ingxoxo nesiteshi sethelevishini libe seligcwala umoya ibhantshi kuMnu u-Andre Du Ruyter. Ibhodi lakwa Eskom likhiphe isitatimende lapho lithe aliyithandanga indlela aziphathe ngayo kule ngxoxo nentatheli.
Ushiye angalazi ngendlela iqembu elibusayo elibuka ngayo u-Eskom okungangokuba uze wabhoboka nangengxoxo athi waba nayo nomunye ungqongqoshe ngesikhathi somhlangano weCop 27.
Uthi lo ngqongqoshe wamtshela emehlweni ukuthi uma efuna ukwenza izinto ngendlela kumele adedele igazi ukuze kube khona abazothi “ukudlayidla kancane”. Lapha uDe Ruyter uthi wayekhuluma ngemali eyizigidigidi ezi-8.5 eyayinikelelwe kulo mhlangano.
Ezinkundleni zokuxhumana izolo udaba lwakhe beliseqhulwini kudingidwa ngalo. U-Erasmus Boyi uthe, “UKhongolose ubuye ukhohlwe ukuthi umlungu lona, akapendiwe futhi akanasifuba, ekugcineni laba bawohloza zonke izinto ezingamahlazo.”
Enkundleni iTwitter uDeon Simpson uthe, “Sekucacile ukuthi indaba yokunqanyulwa kukagesi yinto yamabomu ehambisana nenkohlakalo.”
Abanye bebethi kumele awaneke obala amagama alezi zikhulu akhuluma ngazo ukuze kubonakale ukuthi akasengi ezimithiyo.
Izolo uNobhala Jikelele we-ANC uMnu uFikile Mbalula ubambe isithangami sabezindaba lapho ekhwele wadilika kulesi sikhulu. Umchaze njengomuntu ohlulwe umsebenzi manje osecasha ngesithupha.
UMbalula uvikele iqembu lakhe ngenkohlakalo ebishiwo uDe Ruyter lapho ethe konke akushoyo kungamampunge futhi bayakweshwama.
Uqhube wathi bebevele bengasebethembi ubuholi bakhe selokhu amemezela ukushiya kwakhe ngasekupheleni kukaNdasa wonyaka ophezulu futhi ubesengasazibophezele emsebenzini wakhe.
USihlalo Wekomidi Lezamabhizini Kahulumeni ePhalamende uMnu uLubabalo Luzipho uthe, akukho abazokulalela okushiwo uDe Ruyter ngoba izwe lisebumnyameni nje kungenxa yokwehlulwa umsebenzi.
UNgqongqoshe walo Mnyango uMnu uPravin Gordhan ukhombe ngenjumbane uDe Ruyter wamtshela ukuthi kumele aphume aphelekwipolitiki. UDe Ruyter okubonakale engakushayi ndiva okushiwoyo ngaye udalule ukuthi kunenqwaba yabantu emfuna phansi ngenxa yokulwa nenkohlakalo kwa Eskom. Uthe zinyanga zonke kunemali eyebiwayo kwa Eskom efinyelela kwizigidigidi. Ephawula ngokuzethemba, uthe unolwazi lokuthi kunobugebengu obuhleliwe obuqhubeka eMpumalanga okuhloswe ngakho ukuqumba phansi u-Eskom.
Uthe okunye okukhulu okwenze washiya kulesi sikhundla ukuthi ubeka phambili impilo yakhe neyomndeni wakhe. Ugxeke uNgqongqoshe uMantashe ngokugxambukeka kakhulu emsebenzini wakhe kwa-Eskom. Uthe njengoba eseshiyile kwa Eskom uzochitha isikhathi sakhe esiningi emazweni angaphandle. Ngesikhathi esabambe lesi sikhundla ubeyisithenjwa esikhulu okungangokuba noMengameli uCyril Ramaphosa wathi kumele anikwe ithuba ngoba uyawazi umsebenzi wakhe.