Kukhala noRamakgopa ngomasipala abakweleta u-Eskom



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UNgqongqoshe kagesi uDkt Kgosientsho Ramokgopa uthe isikweletu esikhulu omasipala abasikweleta u-Eskom siphazamisa ukusebenza kwawo ngokugcwele.
Omasipala bakweleta inkampani kagesi imali engaphezu izigidi sezigidi ezingama-R60. Ekhuluma esithangamini samasonto onke mayelana nokuqaliswa kwe-Energy Action Plan ngeSonto, uRamokgopa ukuqhubeka komasipala ukungakhokhi imali oyikweleta u-Eskom kwenza kube nzima ukuthi lenkampani ephehla ugesi iphendule ngokuhluleka kwezinye iziteshi namatransformer.
“Omasipala abaphezulu abangama-20 bebodwa babalelwa kwama-77% waleso sikweletu, cishe izigidi sezigidi ezingama-R48 kanti ukukhula kwalo nyaka wezikweletu kuze kube yimanje kulinganiselwa kwizigidi ezi-R4.7. Ngakho kusho ukuthi sengeza izikweletu eziningi ku-Eskom futhi sibukela phansi ikhono le-Eskom lokutshala imali ekukhiqizeni, ekuthumeleni nasekusabalaliseni.”
NgoNhlangulana
UMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe (NCOP) ugunyaze uMthethosivivinywa Wokukhulula Izikweletu wakwa- Eskom ngamavoti angama-30 uma kuqhathaniswa nali-18, ngaphandle kokwenqaba.
UMthethosivivinywa uhlinzekela uMnyango Wezezimali ukuthi unikeze u-Eskom izigidigidi ezingama-R254 eminyakeni emithathu. Yize amanye amaqembu aphikisayo ephikisa ngokuthi lo mthethosivivinywa ngeke ubhekane nezinselelo ezibhekene no-Eskom, i-African National Congress (ANC) iphikisene ngokuthi kumele isikweletu senkampani kagesi sifinyelele ezingeni elilawulekayo.