Now Reading
iChina ifaka isandla kwinsumansumane kagesi kuleli
Dark Light

iChina ifaka isandla kwinsumansumane kagesi kuleli

Ukunikelwa kwemishini yezamandla evela eChina okumenyezelwe ngesonto eledlule kuzosiza ukuhlinzeka ngesixazululo sezamandla esiphuthumayo emitholampilo, ezibhedlela, eziteshini zamaphoyisa nasezikhungweni zokuhlunyeleliswa kwezimilo. Lokho kushiwo nguNgqongqoshe kagesi uDkt uKgosientsho Ramokgopa.

Ungqongqoshe uthe lemishini isivele iphumile eChina, isisendleleni ebheke eNingizimu Afrika. Uthe amandla ezobuchwepheshe alungele ukusekela maqondana nokufaneleka kwezixazululo zobuchwepheshe ezinikelwe. IChina inikele ngamayunithi ezamandla wezimo eziphuthumayo angama-552 eNingizimu Afrika.

INkantolo eNkulu yaseGauteng, ePitoli, ngoNhlaba, iyalele ukuthi uhulumeni kumele aqinisekise ukuhlinzekwa kukagesi okungaphazamiseki kuzo zonke izibhedlela zikahulumeni, imitholampilo, izikole neziteshi zamaphoyisa.

Lokhu kungemuva kokuba isicelo sifakwe yi-United Democratic Movement (UDM) nezinye izinhlangano zezepolitiki nezomphakathi, ebezithi uhulumeni no-Eskom baphule amalungelo abantu ayisisekelo ngokuqalisa ukucishwa kukagesi kulezi zindawo.

See Also

UMnyango wamaBhizinisi kaHulumeni uthe uzosiphikisa isinqumo sokuthi izikhungo ezifuze lezi zingabandakanyeki ekucinyweni kukagesi.

URamokgopa uthe kuzoba nokuxoxisana nohulumeni bezifundazwe kanye neminye imininingwane yokuthi yiziphi izikhungo zikahulumeni ezizohlomula. “Eyokuqala kwezingama-450 ezithunyelwe yona isendleleni eya eNingizimu Afrika. Basuka ogwini lwaseChina ngesonto lamhla zili-14 kuNcwaba. Sizomemezela ngesikhathi esifanele lapho kufika izimpahla zokuqala futhi sinikeze nenkomba ngezakhiwo zomphakathi zokuqala ezizozuza kulo mnikelo womusa.”

Scroll To Top