Now Reading
Izinselelo zokucimakonga ugesi kuleli
Dark Light

Izinselelo zokucimakonga ugesi kuleli

Ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga kungenye yezinto ezinqala ezikhathaza abantu baseNingizimu Afrika. Kusobala ukuthi namaqembu ezepolitiki azogadla ngayo okhethweni lwanonyaka lukazwelonke nezifundazwe.

Phakathi kwezinkinga ezibangelwa ukucimakonga ugesi ezifana nokulahleka kwemisebenzi njengoba amabhizinisi elahlekelwa, nezindleko zokuthenga iziphehligesi nodizili, kunenkinga yezokuphepha.

Izizinda nezinhlaka zokuphepha ezifana namakhamera, amakhompyutha alawulayo, amasango nokunye kuyaphazamiseka. Amakhamera athile awakwazi ukuqopha ebumnyameni. Lawo akwazi ukuqopha ebumnyameni ayabiza. Lokhu kusho ukuthi izinkampani zokuphepha zenyusa amanani agcina echaphazela amakhasimende azo.

Amasango avulwa aphinde avalwe ngemishini awasebenzi uma ugesi ungekho. Nalawo anamabhethri agcine esengasasebenzi ngoba amabhethri aphelelwa amandla. Uma sekuphele amabhethri kuyaphoqa ukuthi isango lishintshelwe ekutheni livulwa liphinde livalwe ngesandla. Ukwenza njalo kususa ubuhle bokulisebenzisa ngomshini. Uma isango livulwa ngomshini, phakathi kokunye, kusiza ukuthi umninilo akwazi ukulivula esakude futhi alivale ngaphandle kokwehla emotweni uma esola ukuthi kukhona abamlandelayo ngenhloso yokumenza isilo sengubo.

Ezindaweni eziningi ekuhlalwa kuzona kunobugebengu obuningi obenzeka kalula uma kusacishe ugesi. Lokhu kubandakanya ikakhulukazi ukubanjwa kwenzkunzi, nokugqekezwa kwezindlu.

Ngenxa yokuthi amabhethri emiphongolo ephakela amandla eselula nawo ayaphela uma ugesi usuhambe isikhathi eside, labo abasuke besenkingeni njengokuba yizisulu zobugebengu abakwazi ukubiza noma ukubizelwa abazobasiza njengabakwasidlodlo, abomndeni noma abosizo lokuqala.

Izicelo zokunxeshezelwa yizinkampani zomshuwalense ziyenyuka ngengoba kwanda izehlo zokugqekeza nobugebengu obufana nabo, obenzeka kalula uma kusaphele ugesi.

See Also

Abasimame bazithola bengaphephile besemathubeni amakhulu okunukubezeka ngenxa yokuhamba kukagesi. Lokhu kusho ukuthi abesimame abasebenzayo banenkinga yokuthi kufanele basheshe baphume ukuze bangaficwa ubumnyama uma kuqondene nokuthi sekuyisikhathi sokuhamba kukagesi lapho kufanele bahambe khona. Akulula ukuthola imvume kubaphathi ukuthi basheshe baphume emsebenzi.

Izingozi zezimoto, imililo, ukuphuka kwezinto zikagesi kungezinye zezinto ezenzekayo uma kukhona ucimicimi.

Ngokombiko iSantam Brokers Barometer 2023, izicelo zokukhokhelwa ngezinto zagesi ezphulwe ukubuya kwawo zinyuke ngamaphesenti angama-45 ngowezi-2022. Kwezamabhizinisi lezi zibalo zenyuke ngamaphesenti angama-49. 

Scroll To Top