U-Eskom udlavuza umnotho nempilo kobantu ngokucima ugesi
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
AboHlanga bakhala ngokuthi bajeziswa kabili, basola uKhongolose
Ngokomlando wakuleli izindawo zakobantu lapho iningi laboHlanga lihlala khona labe linganakiwe. Lokhu kwabe kwenziwa ngabomu kwaze kwaqoshwa nemithetho eyabe iqinisekisa ukuthi izindawo lezi kazisukumi.
Kusuka ngalezo zikhathi bazabalazile aboHlanga bakha amabhizinisi abo, bafundisa izingane zabo bazakhela nemizi. Kubo uhulumeni omusha bekunethemba lokuthi uzobafukula ukuze babengcono kwazise unguhulumeni owenziwe ngamadodana namadodakazi abo.
Onke lawa maphupho abukeka eshabalala njengoba umnotho wasemalokishini ufadalala. Ukusola okukhulu kuku-Eskom oqeda ugesi nsukuzaphuma nokuyisimo esigcina sihlukumeze ukugeleza komnotho wendawo kanjalo nempilo yansuku zonke. Ucwaningo lakamuva nolwenziwe ngabakwaTownship Entrepreneurs Alliance bebambisene nabakwaNedbank luthole ukuthi aboHlanga kulezi zindawo baphandle manxa kufika kumabhizinisi.
Ucwaningo lolu olwenziwe ngoNhlolanja kubanikazi bamabhizinisi asakhasayo kuzwelonke abangama-200 beluhlose ukuthola umthelela wokucima kukagesi. Iningi lalawa mabhizinisi asebenzisa ugesi kuthi lapho ucima babe nenye indlela yokuwugcina ukhona.
Okuvelile wukuthi iningi lawo liphoqeleka ukuba livale noma lehlise umkhiqizo obekusho ukuphela kwamatoho kubantu. Ekhuluma ngalokhu uMsunguli weTownship Entrepreneurs Alliance, uMnu uBulelani Balabala wathi: Ingxenye engama 66% yamabhizinisi yaveza ukuthi kukhona imisebenzi esiyinqamulile ngenxa yokunqanyulwa kukagesi.
Amabhizinisi amancane angaphezu kwama-60% ayakumisa ukusebenza uma kunqamuka ugesi,” kusho yena. Uphinde waveza ukuthi lesi simo sidala ukhwantalala kosomabhizinisi.
ElaboHlanga lithola izikhalo ezahlukene kubafundi ezindaweni zakobantu. AboHlanga lapha bakhala ngokuthi bajeziswa kabili, kuphela ugesi ngenxa ka- Eskom bese kulandela obunye ubumnyama okuthatha kwezinye izindawo usuku lonke. Elokishini iChesterville, KwaMakhutha kuze kuyoshaya e-Adams Mission ugesi uphela ngendlela engaqondakali.
Ngosuku langoMgqibelo esiphuma kuwo eChesterville waphela kusuka ngele-12 kwamabili wabuya ngeSonto ezintatha kwenzinye izingxenye. NgoLwesine kuthiwa sekuyaziwa ukuthi uphela usuku lonke nakhona uke ungabuyi ubuye ngakusasa kungabi ndaba zalutho. KwaNyuswa oBothas
Hill ugesi uphele ngehora le-9 ngoLwesithathu elaboHlanga lishicilelwe ungakabuyi kwezinye izingxenye.
UMnu uLucky Masuku waKwaMashu uthe: “Mina ngilandela uKhongolose usasekudingisweni. Yimi engangihambisa ivangeli lawo lwempilo engcono ezayo. Lokhu osekwenzeka manje kungenza ngizibone ngiyisithutha. Emalokishini anjengwaKwaMashu ugesi ucima noma nini,
ucinywa ngu-Eskom ucinywe nangumasipala. Angiziboni ngiqhubeka nokuhambisa ivangeli likaKhongolose, ivangeli lamanga,” kusho yena.
Amagama kaMasuku ahambisane nalawo ashiwo owayengumengameli we-ANC uMnu uMbeki nothe ngesikhathi ebuzwa ukuthi uzoyikhankasela yini lenhlangano.
UMbeki kulokhu uphendule wathi: “Kuningi okungahambi kahle nokungalungiswa. Angikwazi ukuya kubantu ngiyothi kabavotele abantu abenza izinto ezingalungile,” kusho uMzizi.
Ebhekise entsheni yakuleli nayinxuse ukuba isebenzise ilungelo layo ivote, uMbeki uthe intsha kumele iyibuze i-ANC ukuthi kungani kumele iyivotele: “Uma ngifika kubantu abasebasha ngibatshela ukuthi ngicela bangivotele kumele bangibuze ukuthi kungani.
Sidinga ukubona into ebambekayo ukuze sikwazi ukukuvotela. “Kumele uyobuza uKhongolose ukuthi kwenzekeni kule minyaka eminingi edlule, yini ezokwenza ngikuvotele. Intsha kumele iqhamuke nemibuzo enjengalena. Kumele kube yiyo ehlahla indlela yekusasa lezwe,” kusho yena.” – nguMfo waKwaNomajalimane