Now Reading
U-Eskom awuyigqizi qakala inkohlakalo yize exwayiswa ngokwenzekayo: Mmushi
Dark Light

U-Eskom awuyigqizi qakala inkohlakalo yize exwayiswa ngokwenzekayo: Mmushi

Owayeyimeneja yophenyo lobunhloli kwa-Eskom uNkk uDorothy Mmushi usole inkampani ngokwehluleka ukumvikela nokumeseka ngemuva kwezinsolo zokuthi wasatshiswa ngokubulawa okusolwa ukuthi kwenziwa izinkabi. UMmushi oseshiyile kule nkampani, uveze lukhulu mayelana nezinsolo ezidlangile zenkohlakalo elahlekise lenkampani izigidi zamarandi.

Uthi wabhekana nokuhlukunyezwa ngabahlinzeki, ngemuva kokushaya ikhwelo lokuba khona kwama-cartel kwa-Eskom.

UMmushi usole u-Eskom ngokungayibeki eqhulwini impi yokulwa nokukhwabanisa nenkohlakalo “Leli cishe isonto eledlule, isikhathi engathola ngaso ucingo. Ngangisengumsebenzi wakwa-Eskom, kwakungaphambi kokuphela kwenkontileka yami. Futhi kimina, okwangethusa ukuthi kungani ngithola izinsongo zokubulawa – uma ngisazoshiya kwa-Eskom. Yingoba abantu befuna ukungisabisa, nokwenza isiqiniseko sokuthi angikhulumi uma ngiphuma kwa-Eskom?

See Also

Ngidumele kakhulu ngabaphathi bakwa-Eskom, ngokuthi ngibabikele ngalezi zinsolo, kodwa angitholanga ukwesekwa okufanele. Kuningi engikwenzile ukuphenya ukukhwabanisa nenkohlakalo ezigidini zayo kwa-Eskom. U-Eskom akayibeki phambili inkohlakalo, ukukhwabanisa, ngisho nokuhlukumeza abasebenzi babo,” kuchaza uMmushi.

Scroll To Top