URamokgopa uthi basadinga enkulu inkece kwa-Eskom
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UNgqongqoshe kagesi, uDkt Kgosientsho Ramokgopa, uthe u-Eskom udinga imali eyeqile ukuze kwandiswe ugesi. Ubekhuluma nabezindaba eGoli, mayelana nenqubekelaphambili eseyenziwe ekufezeni uhlelo lukahulumeni lwezamandla.
Esontweni eledlule, iMelika iklomelise u-Eskom ngesigidi esi-$1.3 sokuhlola ubuchwepheshe obusha, okuhlanganisa ne-green power.
URamokgopa uthe uhulumeni ugxile ekuxazululeni inkinga yezimali yakwa-Eskom. “I-balance sheet yakwa-Eskom ayikho esimeni sokuxhasa ngezimali uhlobo lokwandiswa okudingekayo esikalini kanye nesivinini okumele siphendule ngaso izidingo. I-balance sheet yakwa-Eskom ngeke yanele ukweseka lokho futhi kufanele sicabange ngendlela esizokwenza ngayo ukulungisa lokho.”
Isidingo saseGauteng
Khonamanjalo, uRamokgopa uthe ithimba lakhe lisebenzisana kakhulu nohulumeni waseGauteng ukuze kudidiyelwe ukuhlinzekwa kukagesi ozinzile. Uthe lokhu kungenxa yokuthi lesi sifundazwe sinesidingo esikhulu sikagesi njengesizinda somnotho wezwe.
U-Eskom uqhubekile nokuqalisa ukucishwa kukagesi. “IGauteng ilinganiselwa kwama-25% womthwalo. Ngakho-ke, ukungenelela okwenziwa eGauteng kunendaba. Isimo sezulu eGauteng sibalulekile.”