Now Reading
IKomiti Lamabhizinisi Kahulumeni lisebumnyameni ngo-Eskom
Dark Light

IKomiti Lamabhizinisi Kahulumeni lisebumnyameni ngo-Eskom

IKomiti Lamabhizinisi Kahulumeni lithi maduze lizobiza uNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni, uMnu uPravin Gordhan kanye neBhodi lakwa-Eskom ukuba bavele phambi kwalo.

USihlalo Wekomiti uMnu uKhaya Magaxa uthe inhloso wukuthola ukucaciseleka ngokudayiswa kwempahla yakwa-Eskom. Lokhu kungemuva kokuba izinyunyana zidalule ukuthi uhlelo olukhona manje lokuhlakaza (unbundle) inkampani ephehla ugesi kuhloswe ngayo ukuqinisekisa ukuthi enye impahla yayo idayiselwe izinkampani ezizimele.

UMagaxa uthe akahambisani nokuthathwa kwempahla kahulumeni idayiselwe izinkampani ezizimele, kodwa bazozama ukuqonda isizathu salokho. Uthe, “Besingakabikelwa ngalolu hlelo. Sivele sikuthole kwabezindaba futhi nami ngingase ngibe nencazelo efanayo neyakho. Kodwa kuze kube ungqongqoshe efika, echaza, futhi elandisa ekomitini, ngeke ngikwamukele lokho njengomuntu.”

Scroll To Top