Now Reading
U-Israel uphokophela phambili nokuhlasela eRafah
Dark Light

U-Israel uphokophela phambili nokuhlasela eRafah

View Gallery

Ombayimbayi bakwa-Israeli bangene bajula empumalanga yeRafah ngoLwesibili, baze bafinyelela kwezinye izifunda ezihlala abantu edolobheni eliseningizimu yeGaza lapho abantu abangaphezu kwesigidi bebekhosele khona okugcine sekubhebhethekisa ukwesaba kokunye ukushona kwabantu.

Amazwe asekela u-Israeli kanye namaqembu asizayo asexwayise kaningi ngokugasela eRafah egcwele ababaleki, lapho u-Israeli ethi kuboshwe khona amabutho amane eHamas. U-Israeli uthi lo msebenzi uyadingeka ukuze kuqedwe amasosha asele eHamas.

Izimpi zishubile kwenye indawo ngaphesheya kweGaza Strip ezinsukwini ezisanda kwedlula, kubandakanya nasenyakatho, lapho amasosha akwa-Israeli ebuyela ezindaweni lapho ayethe ahlakaze aqeda khona iHamas ezinyangeni ezedlule.

Izimpi ezishubile zezibhamu beziqhubeka ngoLwesibili ebusuku enyakatho yeGaza, eJabalia, ikamu lababaleki elakhelwe abantu basePalestine abasala dengwane eminyakeni engama-75 edlule.

“Baningi abantu abavaleleke ezindlini zabo. Asisaxhumani nezinye izihlobo ngemuva kokuxwayiswa amasosha ngezingcingo ukuthi zihambe zanqaba,” uNasser, oneminyaka engama-57, ongubaba wezingane eziyisithupha, etshela abeReuters, esebenzisa umakhalekhukhwini.

ERafah, esemngceleni we-Egypt, izakhamuzi zasePalestine ngoLwesibili ntambama zithe zibone kushunqa intuthu ngenhla kwezifunda ezisempumalanga yedolobha futhi zezwa ukuqhuma ngemuva kokuthi uIsraeli eqhumisa inqwaba yezindlu ngamabhomu.

See Also

Uphiko oluhlomile lweHamas, iQassam Brigades, luthe lucekele phansi ithimba lamasosha akwa-Israel ngomcibisholo i-Al-Yassin 105 esifundeni esisempumalanga i-Al-Salam, kwashona amalungu ezisebenzi kwalimala abanye. I-Israel Defence Forces (IDF) yenqabile ukuphawula ngalo mbiko.

Ekusongelweni kwemisebenzi yayo, i-IDF ithe amasosha ayo aqede “amaphekula amaningana ahlomile” ohlangothini lwaseGaza emngceleni weRafah owela neGibhithe. Empumalanga yedolobha, ithe iphinde yacekela phansi izitokisi zamasosha kanye nesizinda lapho bekuqhunyiswa khona imicibisholo  ibhekiswe kumasosha e-IDF.

Scroll To Top