Kubulawe abangaphezu kwama-80 ngeSonto eDRC



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Isibalo sabashonile sesinyuke safinyelela kwaba ngama-41 kulandela ukuhlasela kwangoLwesihlanu, ngoNhlangulana ziyisi-7, ngabasolwa ngokuvukela umbuso ezigodini ezisempumalanga neDemocratic Republic of Congo, kusho okhulumela umbutho wamasosha eCongo, nokwenza isibalo sabashonile sibe ngaphezu kwama-80 kusukela ngoLwesibili.
Ukuhlasela kwangoLwesihlanu, ezigodini iMasala, eMapasana naseMahini, kwenziwe ngamalungu e-Allied Democratic Forces (ADF), kusho uLieutenant-Colonel Mak Hazukay, okhulumela amasosha esifundazweni saseNorth Kivu eCongo.
I-ADF manje esezinze empumalanga yeCongo, isithembise ukwethembeka ku-Islamic State futhi ihlasela njalo, okuqhubekisela phambili ukuntengantenga kwesifunda lapho amaqembu amaningi ezihonga ematasatasa.
Leli qembu liqhamuka ezweni elingumakhelwane i-Uganda kanti kusolwa ukuthi linesandla ezigamekweni eziningi zokuhlasela kule ndawo ngesonto eledlule, okuhlanganisa nokuhlasela okwenzeke esigodini iMasawu kwashona abantu abali-17, kusho abaholi ababili bezinhlangano zomphakathi.
Ngesikhathi sokuhlasela kwangoLwesihlanu, amadoda abehlomile asebenzise izibhamu nocelemba ukuhlasela izakhamuzi zasemaphandleni aseBeni, kusho isikhulu sendawo uFabien Kakule etshela abeReuters.