Now Reading
Isiphenduke isiziba sokugeza amashwa i-Ivory Coast
Dark Light

Isiphenduke isiziba sokugeza amashwa i-Ivory Coast

Abheke ukuqeda amabhadi amaqembu ayisishiyagalombili azibekisele indawo kuma-quarterfinal e-Africa Cup of Nations (Afcon).

Kusasa ngo-7 ebusuku, iNigeria izodudulana ne-Angola ku-quarterfinal yokuqala  eStade Félix Houphouët-Boigny kwelase-Ivory Coast.

ISuper Eagles igaqele isicoco sayo sesine se-Afcon. Ngowe-1980 yakhala yemuka nesicoco sayo sokuqala se-Afcon kade ingosokhaya. 

Ahlabane ngesesibili kwelaseTunisia ngowe-1994. ISuper Eagles igcine ukunqoba i-Afcon ngowezi-2013 eNingizimu Afrika. Sekuphele iminyaka eyishumi nanye iNigeria ihlulwa wukunqoba lesi sicoco.

Igaqele ukuqeda leli bhadi kwelase-Ivory Coast. Kweyamaqoqo ibambane ne-Equatorial Guinea yabuya yaguqisa i-Ivory Coast ngo 1-0 ngaphambi kokuthela othulini iGuinea Bissau kowokugcina wamaqoqo.

KuLast 16 ibhuquzise iCameroon ngo 2-0. Njengamanje  isibhekene ne-Angola ethungatha isicoco sayo sokuqala se-Afcon.

Elase-Angola alikaze lifinyelele kowandulelala amanqamu alo mqhudelwano. Ayisaphathwa-ke eyokuphakamisa le ndebe. Ngowezi-2008 eGhana nangowezi-2010 ingosokhaya yaphuma kuma-quarterfinal.

I-Angola nayo izobe ibheke ukuqeda lesinyama.  Kusasa ngo-10 ebusuku, iDRC Congo izobhekana neGuinea e-Olympic Stadium of Ebimpé.

IDRC sekuphele iminyaka engama-50 yagcina ukuqukula indebe ye-Afcon. Isike yasinqoba lesi sicoco amahlandla amabili ngowe-1968 nangowe-1974.

IGuinea ababhekene nayo ayikaze iyinqobe i-Afcon. Ngowe-1976 yafinyelela kowamanqamu kodwa yakhala ngaphansi.

Womabili azongena enkundleni egqugquzelekile ukuze akwazi ukuqeda lamashobolo abhekene nawo kulo mqhudelwano.

Imidlalo yama-quarterfinal izophela ngoMgqibelo. Osokhaya i-Ivory Coast izobhekana neMali ngo-7 ebusuku eStade Bouaké. 

See Also

I-Elephants yagcina ukudla ubhedu ngowezi-2015. Ineminyaka eyisishiyagalolunye manje ephikwa yilesi sicoco.

Ibhekene neMali esazingela isicoco sayo sokuqala se-Afcon. IMali yagcina ukufika kowamanqamu ngowe-1976. 

NgoMgqibelo ebusuku kuzovala iBafana Bafana neCape Verde ngele-10 ebusuku eStade Charles Konan Banny de Yamoussoukro. 

IBafana isineminyaka engamashumi amabili nesishiyagalombili ihluleka wukunqoba i-Afcon. Selokhu yagcina ukuba ngompetha ngowe-1996 eNingizimu Afrika.

Ngakolunye uhlangothi iCape Verde isathungatha esayo sokuqala.

Scroll To Top