Now Reading
Isililo kubulawa umndeni ngebhomu likaphethroli
Dark Light

Isililo kubulawa umndeni ngebhomu likaphethroli

Isigameko sokuhlaselwa kowesilisa nomndeni wakhe okuthungelwe ngomlilo umuzi wabo belele kwaPata eMgungundlovu sesigxekwe kakhulu. Kulesi sigameko kudlule emhlabeni uNks uPhumzile Malinga nendodana yakhe eneminyaka emithathu. Umnikazi womuzi uMnu u-Ayanda Buthelezi kuthiwa kwembulwa kwembeswa kuye esibhedlela. 

Lo mndeni kuthiwa ubulele ngesikhathi abantu abangaziwa beqhumisa umuzi ngebhomu likaphethroli ezintatha zangesonto. Omakhelwane abakhulume naleli phephandaba bathe bezwe ukuqhuma okukhulu okuthe besababaza lokho kwabe sekugqamuka amalangabi. Umphakathi uthi uzamile ukubhula umlilo kusalindwe izicishamlilo kwadla ukuthi bese usabalele kakhulu ikakhulukazi ekamelweni obekulele kulo uButhelezi, ingoduso yakhe nengane yabo. Omunye umakhelwane ocele ukuba ligodlwe igama lakhe uthe basola umbango wepolitiki endaweni. 

UButhelezi ubaziwa kakhulu njengelungu le-ANC kodwa muva nje uqembukele kuMkhonto Wesizwe futhi ubephambili emikhankasweni yaleli qembu”. Uthe noma bengeke bakuqinisekisa ukuthi ukuhlaselwa kwalo mndeni kunenhlese yepolitiki, kodwa indlela okwenzeke ngayo kusetshenziswa ibhomu likaphethroli kuyasolisa. Umphakathi usigxekile lesi senzo wathi sikhombisa ukuthi kusekhona abantu abasasilele emuva abasakholelwa ukuthi uma umuntu ungaboni ngasolinye naye kumele umbulale.

See Also

Ngesikhathi sokuloba lapha amaphoyisa aseMgungundlovu abesaqhubeka nophenyo.

Scroll To Top