Amaqhude ayeqana ngoHulett
UNyuswa ungungoti kwezokuxhumana kukahulumeni nombhali. Ubengumfundisi wezokuxhumana nobuntatheli kwangqondonkulu.
Inhlanganisela yezinkampani iRGS ebandakanya i-Ingonyama Holdings, isithathe isinqumo sokuhlanganyela nenkampani ecela inkantolo ukuba imise futhi ichithe ukuphumelela kwesicelo seVision Consortium sokuthenga iTongaat-Hulett.
IVision Consortium eholwa nguMnu uRobert Gumede ongusomabhizinisi waseMpumalanga, isanda kudla umhlanganiso ngokuthi abakweletwa yiTongaat Hulett bamukele isicelo sayo. Imbangi kulo mhlanganiso bekuyiRGS Consortium eyanquma ukuhoxa sekusele usuku kuvotwe.
“Emhlanganweni sinqume ukujoyina inkampani iPower Trans Sales Service esicelweni sayo sokuthi isicelo seVision nokwamukelwa kwaso akukho emthethweni kanti futhi kuzoshiya abaningi bedengwane” kusho uMnu Lucas Mkhwanazi onguMqondisi Omkhulu ku-Ingonyama Holdings. Ingonyama Holdings yinkampani yokuhweba ye-Ingonyama Trust Board engamele ingubo kaZulu, umhlaba.
UMnu Mkhawanzi uqhube wathi: “Sahoxa ngoba sibona ukuthi yize esethu isicelo sasisihle, umtakuli wakhombisa ukuchema nokwenza ngokungemthetho. Icebo leVision Consortium ngukuhlohla ezabo izisu ngokudayisa izingxenye zeTongaat Hulett eziseMozambique naseZimbabwe ezihamba kahle. Ngakho ke sesijube abameli ukuthi banikele enkantolo namhlanje (ngoLwesine) ukuze lokhu okungekho emthehtweni kumiswe.”
ITongaat-Hulett yafakwa ngaphansi kohlelo lotakulo ngekaMfumfu ngowezi-2022 emva kokuba kuvele ukuthi ayisakwazi ukukhokha izikweletu. Ababengabaqondisi kule nkampani babepheke amabhuku bekhombisa inzuzo engekho ukuze bahlomule amabhonasi.
Isicelo sokumisa ukuphumelela kwe Vision Consortium singase silalelwe ngoLwesihlanu, zi-2 kuNhlolanja. ElaboHlanga lizolokhu likuphakela zona zishisa.