Now Reading
Ukulimala kukaMaseko ngeke kuyikhinyabeze iBafana
Dark Light

Ukulimala kukaMaseko ngeke kuyikhinyabeze iBafana

Ngeke esabonakala ku-Africa Cup of Nations (Afcon) umdlali weMamelodi Sundowns uThapelo Maseko othinteke kabuhlungu emsipheni ngesikhathi iBafana Bafana ithela othulini iCape Verde kuma-quarterfinal alo mqhudelwano ngempelasonto.

UMaseko udonseke umsipha esikhathini esengeziwe. Lokhu kuholele ekutheni umdlalo angawuqedi. Endaweni yakhe kungene uTerrence Mashego odlala ngakwesokunxele emuva.

Namuhla ngelesi-7 ebusuku eStade Bouake, iBafana izoshukana neNigeria kowandulela amanqamu e-Afcon emdlalweni obhekwe ngamehlo ebomvu phakathi kwala mazwe amabili ayinkukhu nempaka ebholeni.

“Ngeshwa uMaseko udonseke kabi emsipheni. Angeke esadlala kulo mqhudelwano kodwa uzohlala nathi kuze kuphele umqhudelwano,” kuchaza uBroos.

IBafana ibophele Iqraam Rayners, uThapelo Xoki noSibongiseni Mthethwa kubadlali abalindele ukuvala izikhala zabalimalayo kulo ku-Afcon.

See Also

“Isikhala sikaMaseko ngeke sivalwe ngumuntu ngenxa yesikhathi (kwazise kumele enze i-visa engathatha isikhathi lowo mdlali esingavala ngaye isikhala sakhe). Sizoqhubeka umqhudelwano nesikwati esinaso uze uyophela. Angeke senze zinguquko,” kubeka uBroos.

UMaseko unegoli elilodwa kulo mqhudelwano alishaye ngesikhathi iBafana ititinya iNamibia nga-4/0 kweyamaqoqo. Uqophe umlando eba ngumdlali omncane kunabobonke asebeke bagqoka ijezi leBafana ukuthola igoli ku-Afcon.

Scroll To Top